Abazali bamise ukufunda ngoba befuna amagumbi angomahamba nendlwana

Moyahabo Mabeba

Sekuphele isonto abafundi besikole samabanga aphansi i-Margret Shiluva ngase-Tzaneen e-Limpopo bagcina ukufunda.

Abazali abanezingane ezifunda kulesi sikole bamise ukufunda ngoLwesithathu olwedlule, bethi izingane zabo azikwazi ukuya esikoleni ngoba amagumbi okufundela agcwele phama.

Lesi sikole sinabafundi abangu-750 abahlukaniswe emagumbini angu-11 abhidlikile akhiwa eminyakeni engu-30 edlule. Lokhu kusho ukuthi balinganiselwa ku-68 abafundi abampintshene egumbini ngalinye.

Abazali abakhathazekile baqhube ngokuthi isikole asihambisani nomgomo wezemfundo othi uthisha ngamunye kumele afundise abafundi abangu-35.

Phakathi kwezinye izikhalo, abazali bathi ukuminyana kungase kubangele ukusabalala kwe-Covid-19 njengoba kungekho ukuqhelelana emphakathini.

U-Anna Ngobeni uthe wesabela ukuphepha kwengane yakhe njengoba ngezinsuku ezishisayo, ukugcwala kwezingane kungabeka izingane engcupheni yokuphelelwa amanzi emzimbeni kanye nokushiswa yilanga.

“Kuningi okusengcupheni. UMnyango awukwazi ukulokhu uluziba lolu daba. Ingane yami ithi kuba nzima kakhulu uma kushisa,” kusho umzali.

Ngokuhamba kweminyaka, lesi sikole naso siye sakhula ngokuwohloka futhi manje isakhiwo singawa noma inini okuyingozi kubafundi nakubasebenzi abangothisha.

Abazali bathi sekuphele iminyaka befaka izicelo eMnyangweni wezeMfundo esifundazweni ukuthi isikole sinikezwe amagumbi okufundela angomahamba nendlwana, kodwa izicelo zabo bezilokhu ziwela ezindlebeni ezingezwa.

Okhulumela uMnyango uTidimalo Chuene, uthe zikhona izinhlelo zokwakhiwa kwamagumbi amasha kodwa wexwayisa ngokukhipha izingane esikoleni.

“Siphoqiwe ukuthi sivale isikole. Siyazigxeka izenzo ezinjenga lezi,” kusho uChuene.

“Akulungile ukuthi abazali baphazamise izifundo ukuze uMnyango uphendule izicelo zabo. Sesifakiwe vele isicelo samagumbi angomahamba nendlwana.”

Kodwa-ke, abazali bafunge bagomela ukuthi bazoqhubeka nokuqapha ngaphandle kwesikole yize abafundi beqhubeka nokuphuthelwa imfundo yabo eyigugu.

Izihloko zakamuva