Abazali bamangalela indodana ehlulwa ukubatholela umzukulu

Dylan Bettencourt

Abashadikazi baseNdiya bafuna ukuthi indodana yabo nonkosikazi wakhe bakhulelwe ungakapheli unyaka noma bazobhekana necala lika-R10 million.

USanjeev noSadhana Prasad bafuna umzukulu ukuze bakhokhele indodana yabo esikoleni baphinde bakhokhele nomshado. 

“Indodana yami isineminyaka eyisithupha ishadile kodwa abakakuhleli ukuba nomntwana,” kusho laba bashadikazi esikhalweni esifakwe eNkantolo yase-Haridwar ngesonto eledlule.

U-R10 million abazali abawufunayo ukukhokhela izindleko zokukhulisa indodana yabo eminyakeni edlule.

Banomuzwa wokuthi umzukulu uzosebenza njenge sinxephezelo sokusebenzisa imali abayilondoloze impilo yabo bekhulisa indodana yabo. Uma engakwazi ukubanika umzukulu ezinyangeni ezingu-12 bafuna ukubuyiselwa leyo mali.

Lezi zimali zihlanganisa nemoto ka-R1.2 million abayithengele indodana yabo kanye no-R1 million ukuze ibe umshayeli wamabhanoyi.

Abazali kuthiwa bakhokhele umshado obusehhotela eliseqopheleni eliphezulu nendawo yabo yokungcebeleka ngemuva komshado. 

Okunye ukuthi ngaphezu kwezindleko zokuqeqeshwa kwakhe wabuyela eNdiya esuka eMelika engasebenzi.

“Kwadingeka ukuthi siboleke imali ukuze sakhe umuzi wethu futhi manje sibhekene nezinkinga eziningi zezimali,” kusho abazali.

“Nasemqondweni siphazamisekile impela ngoba sihlala sodwa. Okungenani uma sinomzukulu esichitha naye isikhathi ubuhlungu sizokwazi ukukubekezelela.”

Ummeli wabazali uthe isicelo sizoyiswa enkantolo ukuze silalelwe ngomhlaka-17 kuNhlaba.

Umthombo wesithombe: @DailySabah

Izihloko zakamuva