Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
Impi phakathi kwabafundi abavela ezindaweni ezahlukene eKapa isidale ukuthi abazali abaningi bakhiphe izingane zabo ePhakama Secondary School naseVuyiseka High School.
Umzali ongathandanga ukudalulwa uthe sekuneminyaka kuliwa phakathi kwabafundi abavela ezindaweni ezahlukene.
Lezi zikole zombili zisePhillipi East, eLower Crossroads.
Kuke kwahlaselwa abafundi abasuke beza ezikoleni abaqhamuka kwezinye izindawo njengaseNyanga noma eGugulethu, kwaphinde kwabikwa ukuthi abafundi bazo zombili izikole bahlaselene bodwa.
“Asiqondi ukuthi kungani umnyango ungakayilungisi le nto. Izingane zethu sizikhiphe kulezi zikole ngoba ziyahlaselwa futhi aziphephile,” kusho umzali.
Impi ibheke kakhulu abafundi besilisa.
“Ukugcina izingane zethu ekhaya ukuphela kwekhambi okwamanje,” kusho umzali. “Indodana yami yabuya ingenazo izicathulo, wazikhumula ebalekela abanye abafundi. Ngeke sikwazi ukuvumela izingane zethu ziye esikoleni kanjena.”
Abafana bakaNokuzola Khapha baye esikoleni ngesonto eledlule kodwa abaphindanga baya.
“Omunye wabo ucishe wagwazwa. Ngemva kwalokho nganquma ukubavimba ukuba baye. Imfundo ibalulekile, kodwa abakwazi ukufunda uma sebefile. Bangakwazi ukuya esikoleni ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uKhapha.
Ngenyanga edlule kwadutshulwa kwabulawa umfundi wasePhakama Secondary School ngaphandle kwesango lesikole. Wayephuma kwenye indawo.
Le mpi iphinde yamisa amakilasi engeziwe esikhungweni somphakathi sase-Beauty ngase-Vuyiseka High School.
“Amakilasi engeziwe amile ngoba izingane zethu bezihlaselwa. Kuyamangaza njengoba iVuyiseka High School ibhekene nePhilippi East SAPS, ngakho izingane zethu aziwesabi ngisho amaphoyisa,” kusho uKhapha.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape, uMnuz Millicent Morton, uthe lezi zikole ezimbili zibike ngokuphepha kwabafundi uma beya noma bebuya esikoleni.
“Sibeke amaphoyisa amabili ezokuphepha esikoleni iPhakama Secondary School, kwathi ngesonto eledlule sasesha kungazelele muntu, kwangatholakala zikhali,” kusho uMorton.
Umnyango uphinde wacela abe-SAPS ukuthi bandise ukubonakala kwamaphoyisa endaweni ekuseni nantambama.
Isithombe esingenhla: Abanye abazali banqume ukukhipha izingane zabo esikoleni iPhakama neVuyiseka.
Umthombo: Sithunyelwe