Abazali bakhala ngokukhokhiswa intshontsho esikoleni esiseKhayelitsha 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abazali basola isikole samabanga aphansi Inkanini, eKhayelitsha ngokubaphoqa ukuthi bakhokhe intshontsho lika-R100 ukuze izingane zabo zikwazi ukuthola isikhala esikoleni. 

“Ngaya khona ngoba ngangitshelwe ukuthi zisekhona izikhala,” kusho umzali ovakashele esikoleni ngoLwesithathu ezofunela indodakazi yakhe isikhala.Ucele ukuthi singalisebenzisi igama lakhe ngoba esaba ukuthi ingane yakhe angeke ikwazi ukubhalisa kulesi sikole.

“Kodwa ngesikhathi ngifika khona ngimangele isisebenzi singicela u-R100 ukuze ingane yami ingeniswe esikoleni,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Anginayo imali njengamanje ngithinte umashonisa ngoba ngingafuni ukuthi indodakazi yami ihlale ekhaya unyaka wonke. Asikho isikhala kwezinye izikole ngaphandle kwalesi.”

Lo mzali uthi nakuba azi ukuthi akulungile, kodwa akukho okunye angakwenza. Njengoba ekhononda abanye abazali bathi ngonyaka odlule bekuwu-R150.

Umholi womphakathi uMnu Zuziwe Njamela ufuna uMnyango ungenelele ukuze kunqandwe inkohlakalo eyenzeka kulesi sikole.

“UMnyango udinga ukuvakashela isikole ungashongo futhi ukhulume nabazali. Kuningi okwenzekayo kulesi sikole.”

UNjamela uthi uyazi ukuthi abazali bebegwazela izingane zabo kusukela ngonyaka odlule.

“Abacela ukugwazelwa bayazi ukuthi abazali bazokwenza noma yini ngekusasa lezingane zabo, yingakho besizakala becela imali.”

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape, uBronagh Hammond uthe uMnyango ubungazi ngalezi zinsolo kodwa umphathi wesekethe waziswa futhi wathi uzolulandela lolu daba.

“Izikole akumele zikhokhise imali yokubhalisa, idiphozithi, imali yokubhalisa kabusha, imali yokungena ngaphambi kwesikhathi nanoma iyiphi enye imali ngesikhathi sokufaka isicelo,” kusho uHammond.

Isikole singakhokhisa imali kuphela ngemuva kokuba umfundi etshelwe ukuthi uyamukelwa ukuba azofunda esikoleni.

“Bangayicela imali yesikole kumzali uma sebamukele ngokusemthethweni umfundi. Kodwa-ke, ukukhokha le mali akusho ukuthi ukhokhela isikhala usuke ukhokha ingxenye yemali yesikole yonyaka wonke.”

Isithombe esingenhla: Isikole samabanga aphansi Inkanini elokishini laseKhayelitsha, eKapa, ​​esisolwa ngokufuna intshontsho ukuze abazali batholele izingane zabo izikhala

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva