Abazali bakhala ngezikhwama zesikole ezisindayo 

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Abafundi baseKapa baphatha izincwadi ezisindayo ezifinyelela kwezingu-14 nsuku zonke futhi lokho kuqubule izikhalo ezivela kubazali abakhathazekile abafuna izinguquko.

Abazali bafuna izikole zivumele izingane ukuthi zishiye ezinye izincwadi esikoleni ukuze zikwazi ukuphungula umthwalo  osindayo wezikhwama zesikole.

Lesi sicelo siza ngemuva kokuthi abafundi abaningi okuhlanganisa nezingane ezifunda ezikoleni zamabanga aphansi zibike ukuthi iqolo libuhlungu kakhulu.

UNomvuyiseko Fatyi ongumama okhathazekile uthe indodana yakhe efunda ibanga lesine iphatha izincwadi ezingu-14 – nokuyinto enzima kakhulu kuye.

“Akazisebenzisi zonke ngosuku olulodwa,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Ngiyamzwela njengoba ephatha zonke lezo zincwadi. Futhi usephelelwe amandla okwenza imisebenzi ekhaya.”

Omunye umama u-Aliziwe Maswana ubhucunga indodakazi yakhe emhlane nsuku zonke.

“Izinto sezishintshile. Izingane zethu zithola amamasaji amaningi kunabantu abadala ngenxa yomthwalo wezincwadi eziziphathayo,” kusho umama.

Uthe usezamile ukuxhumana nothisha wendodakazi yakhe ngalolu daba, kodwa watshelwa ukuthi angagxambukeki ezintweni zesikole.

Indodana kaVuyelwa Ngalo iphatha izikhwama ezimbili.

“Ubengakwazi ukuhamba nazo zonke izincwadi ezingu-16 esikhwameni esisodwa ngase nginquma ukumthengela esinye,” kusho uNgalo.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Western Cape, u-Unathi Booi weluleke abazali ukuthi baxhumane nothisha wekilasi ukuze baxoxe ngezinto ezibakhathazayo mayelana nezidingo zesikole zansuku zonke.

“Abafundi kumele beze nezincwadi abazidingayo ngosuku oluthile esikoleni,” kusho uBooi.

“Abazali nabafundi bayelulekwa ukuthi bahlole njalo uhlelo lwezikhathi zengane zezifundo ezizofundwa ngosuku ukuze babone ukuthi yiziphi izincwadi ezidingwa ingane.”

UBooi uthe abafundi kumele bagoduke nezincwadi ukuze bayoqedela umsebenzi wesikole ekhaya nokuthi bazifundele.

Laba bazali banxusa uMnyango wezeMfundo ukuthi ulubhekisise lolu daba futhi ulwele ukuthola isixazululo esizosiza abafundi futhi sibavimbele ekutheni babhekane nezinkinga zempilo ngenxa yokuphatha izincwadi zesikole eziningi.

Esithombeni esingenhla: Umfundi ophethe izincwadi zakhe zesikole.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva