Abazali bahlale ngaphandle endaweni yomyango wezemfundo befuna amagumbi okufundela esikhashana

Judas Sekwela

Sekuphele iminyaka abafundi bephoqeleka ukuba bampintshane emagumbini okufunda aphinde asetshensizwe  othisha njengehhovisi labo.

Kodwa ngenxa ye-Covid-19, izinkinga zinyukile kubafundi abangama-600 abafunda esikoleni samabanga aphansi e-Mantsha endaweni yase-Ga-Sekgopo ngaphandle kwase-Modjadjjskloof, abagcwala amagumbi okufundela ayishumi.

Elinye lamagumbi okufundelwa kulo uphahla kade lawa, kanti lokhu kufaka impilo yabafundi engozini.

Besabela impilo yezingane zakulesi sikole, i-SGB kanye nabazali baqale babhalela umyango wezemfundo izincwadi ngoNhlaba, becela ukuthola amagumbi okufundela esikhashana, kodwa izidingo zabo bekufana nokuthi bathela amanzi emhlane wedada. NgoLwesithathu bathathe uhambo baya emahhovisini omyango wezemfundo e-Polokwane bafike bahlala ngaphandle bafuna ukubona uNgqongqoshe uPolly Boshielo baphinde bashiye incwadi enezicelo zabo.

Bathe bathathe isinqumo sokuyohlala emahhovisini ngaphandle ngoba besabela impilo yezingane zabo nobungozi obungase benzeke njengoba izingane zimpintshana egumbini lokufundela futhi bangase bathelelane nge-Covid-19.

Usihlalo we-SGB uLesedi Bopape uthe bayiphakamisile indaba yabafundi yokuminyana emagumbini okufundela ngesikhathi bethatha ihhovisi ngoNhlaba.

“Asikaze sithole izimpendulo” kusho iLesedi.

“Abafundi bethu abakwazi ukuza bonke esikoleni kanyekanye ngenxa yokuminyana, kodwa ezinye zezikole sezibuyela esikoleni futhi baya bonke kanyekanye”.

Uthe bafuna amagumbi okufundela esikhashana ayisihlanu ukuze kuzosizakala nothisha bathole indawo yabo abangahlala kuyo.

Omunye wabazali uSipho Moagi uthe usabela impilo nokuphepha kwabafundi.

“Abafundi kungcono bahlale emakhaya ngoba la esikoleni babhekene nengozi enkulu. Angeke sikwazi ukubekezela lokhu okwenzekayo isikhathi eside” kusho uSipho.

Okhulumela ezemfundo uTidimalo Chuene uthe iqembu elibhekelela ukwakha belivakashele isikole.

“Izicelo zabo sizihambise ehhovisini lesifundazwe lapho esizobheka khona izindlela zokusebenzisa ingqalasizinda ngendlela efanele. Lokhu kufaka ukuhlela indlela yokusebenzisa amagumbi akhona, kuphinde kufake ukuhlelwa kabusha kwamagumbi okufundela akhona ukuthi azosetshenziswa kanjani njengesixazululo esisheshayo” kusho uChuene.

Izihloko zakamuva