Lubhalwe nguBuziwe Nocuze
- Abafundi base-Eastern Cape bahamba amakhilomitha angu-13 nsuku zonke beya esikoleni emuva kokuhoxiswa kwezimoto zabo ezibayisa esikoleni.
- Abazali bafuna izimpendulo, bathi lesi simo asiphephile futhi sithinta imfundo yezingane zabo.
Bathwele kanzima abafundi base-Upper Gwadu Senior Secondary School, -eBikane, e-Eastern Cape, emuva kokumiswa kwezokuthutha ezibayisa ezikhungweni zemfundo ephakeme, okuphoqe ukuthi bahambe amakhilomitha angu-13 nsuku zonke beya esikoleni.
Abazali bathi lolu daba lusaqhubeka selokhu zavulwa izikole ngoMasingana 2025, okushiya izingane zabo zikhathele futhi zisengcupheni.
“Izingane zethu kumele zihambe amahora amathathu ukuze ziye esikoleni, sakhululeka ngesikhathi uMnyango wezeMfundo wethula ezokuthutha abafundi, kodwa manje ngaphandle kokuxwayiswa, sekumisiwe. Ukuhamba emahlathini kuyingozi—kungenzeka noma yini,” kusho umzali okhathazekile.
Ngaphandle kokwesabela ukuphepha, abazali bathi izingane zabo zikhathala kakhulu kube nzima ukugxila ekilasini.
“Bakhathele nsuku zonke futhi abanaso isikhathi sokufunda. Umnyango udinga ukulungisa lokhu ngaphambi kokuthi kwenzeke into embi,” kwengeza omunye umzali.
Abafundi bathi babuze uthishanhloko ukuthi kungani kume ezokuthutha batshelwa ukuthi yingoba umnikazi wakhona ushonile nomndeni wabo awuzimisele ukuqhubeka nomsebenzi.
Kodwa-ke, abazali bakholelwa ukuthi isikole bekufanele senze eminye imzamo ngokushesha ukuze sithole omunye umhlinzeki.
“Isikole sihlulekile ukusilwela, uthishanhloko bekumele acindezele uMnyango ukuthi usihlelele ezinye izinto zokuthutha. Lokhu ngeke kukwazi ukuqhubeka,” kusho umzali obekhungathekile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, uMnuz Malibongwe Mtina, uthe sekuthunyelwe isekhula ezikoleni ukuze kuxazululwe izinkinga ngemininingwane yezokuthutha.

“Silinde izethulo ezivela ezikoleni nasezifundeni ungakadluli umhlaka-20 kuNdasa 2025. Uma sesinolwazi olugcwele, uMnyango wezokuThutha uzobuyekeza isimo bese uqala nezinhlelo ezidingekayo zokuthola izinkontileka,” kusho uMtina.
Okwamanje, abazali nabafundi basadidekile, bethemba ukuthi inkinga izoxazululeka maduze.
Esithombeni esingenhla: Abafundi base-Upper Gwadu Senior Secondary School baphoqeleka ukuthi bahambe amakhilomitha angu-13 beya esikoleni ngemva kokunqanyulwa kwezokuthutha abafundi.
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe