Abazali babhikishela isikole esingumahamba nendlwana 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Abazali bezingane ezifunda esikoleni esisha i-Birch-Kemp, e-Kempton Park abathukuthele futhi bafunge ukuthi ukufundisa nokufunda ngeke kuqhubeke kuze kube uMnyango wezeMfundo eGoli uyazibophezela ekwakheni amagumbi okufundela maduze.

Selokhu kuvulwe izikole ngoLwesithathu ngomhlaka-17 kuMasingana, abazali bebebhikisha endaweni esikoleni esisha bevimba ukwakhiwa kwamakilasi angomahamba nendlwana esikhashana.

Lesi sikole senzelwe ukufundisa abafundi abangu-700 ababengasitholanga isikhala ezikoleni zamabanga aphezulu namabanga aphansi e-Kempton Park nase-Birchwood.

NgoMsombuluko ngomhlaka-22 kuMasingana, umnyango ubeke abafundi besikole samabanga aphansi abangu-200 abathintekile esikoleni samabanga aphansi i-Edleen.

Ngesikhathi ekhuluma ne-Scrolla.Africa, umzali okhathazekile uMosima Ngwasheng uthe uMnyango uyazazi izingqinamba zale ndawo eminyakeni edlule kodwa wehluleka ukwenza izinhlelo zokuzigwema.

Enye yezinselelo ukuthi izinsiza zamanzi nogesi azikaxhunywa.

“Bebengakha isikole esifanele njengoba benza kwezinye izindawo njengoba besazi isibalo sezingane ohlelweni lwabo. Siyanqaba ukuthi izingane zethu zifunde lapha ngoba sifundile ngezinselelo zala makilasi ikakhulukazi uma kunesimo sezulu esibi kakhulu,” kusho uMosima.

“Uma sikuvumela lokhu kungase kuthathe iminyaka ukuthi umnyango wakhe isikole esifanele.”

Omunye umzali, uMnuz Thomas Zulu unxuse abazali ukuthi bavumele umnyango uqedele ukwakha ukuze kuqhubeke ukufunda nokufundisa.

“Abalahlekelwa kakhulu kulokhu izingane zethu ezisahleli emakhaya. Zonke izikole endaweni zigcwele. Kuzokwenzekani kubo njengoba unyaka uqhubeka? Asibeke eceleni ipolitiki yesikole ngokubeka phambili izingane zethu,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli uSteve Mabona uthe ukufunda nokufundisa bekumele kuqale esikoleni esisha kodwa abazali bafuna isikole esizohlala njalo esingeke sikwazi ukubsnika sona njengamanje.

“Othisha [baqokiwe], isigungu esilawula isikole sikhethiwe kanti imifaniswano yesikole yakhethwa iningi labazali elifuna izingane zibe sesikoleni. Uma sekuqediwe ukwakhiwa abafundi bazothuthelwa esikoleni,” esho.

Esithombeni esingenhla: Isikole esingumahamba nendlwana sase-Birch-Kemp.

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva