Arthur Greene
Komakhelwane babo, u-Akbar Khorramdin nomkakhe u-Iran Mousavi, bebebukeka njengezithandani ezijwayelekile futhi esezikhulile ezinezingane esezindala.
Kodwa okwethusa kakhulu ukuthi isizwe sase-Iran sithole ukuthi lezi zithandani bezifihle induku emqubeni. Bavuma ngoNdasa ezigamekweni zokubulawa ngesihluku kwendodana, indodakazi nomkhwenyana wakwabo.
Bathi bengakuphinda futhi lokho uma bengathola elinye ithuba.
Lezi zithandani esezikhulile, ezineminyaka engama-81 nengama-74 ubudala, zaqala ukuba ngundabuzekwayo emphakathini ngobusuku basebusika e-Tehran ngesikhathi indodana yabo, uBabak Khorramdin, ebaletha esiteji ngemuva kokukhonjiswa kwerekhodi lakhe.
Manje sebengondabamlonyeni emphakathini ngesenzo esibi abesenzile.
Baboshwe ngemuva kokuba amaphoyisa athole amathambo esidumbu sendodana yabo eneminyaka engama-47 ubudala, uBabak.
Amaphoyisa athole izinsalela zabantu, okubalwa izandla ezimbili, namazenge eminwe asebenzile ukukhomba isisulu.
U-Akbar no-Iran bavumile ukumbulala, betshela amaphoyisa ukuthi bamdaka ngamaphilisi okulala ngaphambi kokumbopha, bamvala umoya base bamgwaza. Babe sebekhipha izicubu zesidumbu sakhe.
Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, kuvele ukuthi benze into efanayo endodakazini yabo u-Arezou (owanyamalala ngowezi-2018) nomyeni wakhe (uFaramarz, owalahleka ngowezi-2011).
“Anginanembeza futhi angizisoli ngecala lokubulala engilenzile,” kusho u-Akbar engxoxweni kamabonakude ngesikhathi eboshiwe. “Ngibulale abantu abebeziphethe kabi.”
Ngesikhathi bebuzwa ukuthi kungani benqume ukubulala izingane zabo, u-Akbar no-Iran bathe bebengahambisani nezindlela zokuphila zezingane zabo.
Bathi indodana yabo ibiziphethe kabi futhi inolaka, kanti indodakazi yabo ibiwumlutha wezidakamizwa notshwala.
Abangani nomakhelwane baBabak no-Arezou bazwakalise ukudideka ngale ncazelo.
Leli cala linyakazise i-Iran, futhi okuningi okubikwayo kuzungeze iqiniso lokuthi umthetho wezwe – ogxile emthethweni wamaSulumane we-sharia – unesijeziso seminyaka eyishumi ngokubulawa kwengane yomuntu.
U-Akbar no-Iran bangabhekana nesigwebo sentambo ngokubulala umkhwenyana wakwabo, kodwa hhayi izingane zabo.
Umthombo wesithombe: @Supernalwings