Abazali abangafuni ukuthi izingane zabo zisuswe esikoleni sazo bacekela phansi amakilasi

Moyahabo Mabeba

Isikole samabanga aphansi esigodini sase-Ga-Matlala sesisidala kakhulu futhi sesiyisikhungo esingalungile sokuthi abafundi baso bathole imfundo esezingeni elifanele.

UMnyango wezeMfundo e-Limpopo uthathe isinqumo sokuthi isu elincono kakhulu kungaba ukuthatha abafundi besikole samabanga aphansi i-Dibeng bayiswe kwesinye isikole esigodini esingumakhelwane.

Kodwa abazali bezingane abavumanga, bathi amabanga amade okumele abafundi bawahambe nsuku zonke kuzophazamisa imfundo yabo futhi kubabeka engcupheni.

Kusukela isimemezelo sokuvalwa kwesikole senziwa NgoNhlangulana, izakhamizi bezilokhu zenza imibhikisho yokufuna ukuba kwakhiwe isikole esisha e-Ga-Matlala.

Kodwa umnyango wezemfundo esifundazweni uvune uhlelo lokuthuthela e-Phuti Seopa Secondary.

Bethukuthele, abazali bathatha isinqumo sokulawula izifundo zezingane zabo futhi badiliza isikole esidala basebenzisa izinto zophahla lwaso ukwakha imijondolo yokufundela.

UKenneth Ramochela we-Bakone Ba-Matlala Development Forum uthe: “Ngemuva kokuthi isicelo sethu sesikole esisha siwele ezindlebeni ezingezwa kaningi, sithathe isinqumo sokususa uphahla esikoleni esidala sakhe amakilasi emijondolo. Sinothisha abazimisele ukufundisa izingane zethu.

“UMnyango wezeMfundo awusithatheli ekhanda.”

UMarry Mpai, ongumzali womunye wabafundi, uthe bathathe isinqumo sokunqaba ukufaka izingane zabo esikoleni baze bathole ukuzibophezela emnyangweni.

Uthe “Lokhu sikwenzela izingane zethu. Sifuna izingane zethu zifundiswe endaweni ephephile.”

UPolly Boshielo, uNgqongqoshe wezeMfundo e-Limpopo, uthi iyamethusa indlela abazali abaziphethe ngayo, ethi bancisha izingane zabo imfundo ngokunqaba ukuba zisuke esikoleni esonakele ziye kwesinye esingcono.

Embhalweni obhalwe ku-Facebook, uBoshielo uthe: “Amaphoyisa ayalilungisa lolu daba futhi nabazali sibayisa enkantolo ngokoMthetho Wezikole waseNingizimu Afrika. Sizovala isikole ngokusemthethweni bazobona ukuthi benzani nezingane zabo. Ingane emnyama ayisoze yaqhubekela phambili.”

Izihloko zakamuva