Bavuke umbhejazane bavala amasango esikole esingaphephile

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Sekuphele inyanga abazali abathukuthele bemise ukufunda nokufundisa esikoleni samabanga aphansi iSizuzile e-Tsakane, Ekurhuleni ngenxa yezokuphepha.

Isikole asiphephile kubafundi.

Ngemuva kweminyaka belindile abazali bafuna uMnyango wezeMfundo kanye noMnyango weNgqalasizinda esifundazweni saseGoli ukuthi bazibophezele ngosuku okuzoqalwa ngalo ukwakhiwa kwesikole esisha.

Laba bazali bathi ngesikhathi kwakhiwa lesi sikole ngo-2011 uMnyango wezeMfundo wathi uzokwakha isikole esisesimweni esihle esizohlala isikhathi eside esikhathini esiyiminyaka emine. Kuze kube manje uMnyango awukasifezi isithembiso sawo.

Amakilasi esikhashana awaphephile; abafundi nabasebenzi babike ukuthi amakilasi agcwele amagundane futhi bavame ukushokhwa ugesi ngenxa yezintambo zikagesi ezingavikelwe. Uphahla nalo luyavuza futhi amagundane abhoboze izimbobo phansi.

Omunye wabapheki kulesi sikole ocele ukuthi igama lakhe ligodlwe ukuqinisekisile ukuthi esikhathini esiningi kumele basefe impuphu nelayisi ngenxa yamanzi angena kukho – okubi nakakhulu – umchamo wamagundane.

“Ngisabela ukuphepha kwezingane emakilasini. Omunye wothisha uye wakhubeka walimala ngenxa yezimbobo eziphansi,” esho.

“Ngihlanza amakilasi amane ngosuku futhi ngivame ukushokhwa ugesi. Manje sengiyazi ukuthi yimaphi amakilasi okungafanele ngiwahlanze uma imvula ina.”

NgoLwesithathu olwedlule ngemuva kwamasonto amathathu izingane zabo zingayi esikoleni, abazali ababephelelwe ithemba baye bahlangana ukuze babhikishe emasangweni esikole.

Umbhikisho uye waba nezinxushunxushu ngemuva kokuthi abebethukuthele bebhodloze amasango. Bashise ihhovisi lezokuphepha lesikole baphihliza namawindi amakilasi.

Amaphoyisa ahlakaze umbhikisho. Akukaboshwa muntu.

Bavimbe othisha nabanye abasebenzi ukuthi bangene emagcekeni esikole.

Ilungu lesigungu esilawula isikole u-Adelaide Ndimande uthe abazali bakhathele ukubeka izimpilo nokuphepha kwezingane zabo engcupheni.

“Ngeke silinde ukuthi kuze kushone ingane esikoleni ngaphambi kokuthi senze okuthile. UMnyango wenza izithembiso wasikhombisa ngisho nezinhlelo futhi wathembisa ukuthi uzowasusa amakilasi angomahamba nendlwana ukuze kwakhiwe isikole esisha,” etshela i-Scrolla.Africa.

“Manje sesitshelwa ukuthi asikho isabelomali futhi sithunyelwa eMnyangweni wezeMfundo ukuze sithole izimpendulo,” engeza.

UMnu Castro Ngobese woMnyango weNgqalasizinda nokuThuthukiswa uthe bekumele ngabe kade lolu hlelo lwaqala, kodwa udaba lwadluliselwa enkantolo ngomunye wabahlinzeki bezinsiza nowabe esehoxiswa yingakho kwaba nokubambezeleka isikhathi eside.

“Simi ngomumo ukuthi siqoke ozohlinzeka ngemisebenzi ukuze aqale umsebenzi, kodwa njengoba icala lisenkantolo futhi kinezinxushunxushu ezihlelwe kahle endaweni kunzima ukuthi lomsebenzi uqale,” esho

Esithombeni esingenhla: Abazali bebhikisha ngaphandle kwesikole samabanga aphansi iSizuzile

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva