Abayisithupha bavele enkantolo ngecala lokubulala ufakazi wombuso

Arthur Greene

Abesilisa abayisithupha bavele enkantolo ngoMsombuluko ngamacala ahlobene nokubulawa kwesikhulu soMnyango wezeMpilo e-Gauteng nophinde abe wufakazi wombuso ophenyweni lwenkohlakalo, uBabita Deokaran.

UDeokaran oneminyaka engama-53, wayengufakazi ophenyweni lwenkontileka yezinsiza zokuvikela abantu eyanyakazisa isifundazwe ngonyaka odlule. Abaphenyi bakholelwa ukuthi ukubulawa kwakhe bekuyinto ehlosiwe mayelana nokubandakanyeka kwakhe kuleli cala.

Lo obeyisikhulu esiphezulu kwezezimali udutshulwe ngaphandle komuzi wakhe ngoMsombuluko owedlule ngemuva nje kokushiya ingane yakhe esikoleni.

Abesilisa abayisithupha – uNhlangano Ndlovu, uSiphakanyiswa Dladla, uZitha Radebe, uSimphiwe Mazibuko, uSanele Mbele noPhakamani Radebe – bavele eNkantolo yeMantshi yaseGoli mayelana necala lokubulala.

UNdivhuwo Mulamu, isikhulu sezokuxhumana koKlebe, utshele abezindaba ukuthi bonke abasolwa badabuka KwaZulu-Natali futhi akekho noyedwa wabo osebenza eMnyangweni wezeMpilo.

UMulamu uphinde wathi kusazoboshwa abanye maduzane: “Sisenabasolwa abasasele esisabaphenya; kukhona ubuhlakani esisebenza ngabo futhi siyalulandela lolo lwazi. Futhi singakuqinisekisa impela ukuthi kusazoboshwa abantu abaningi”.

La madoda, aphakathi kweminyaka engama-24 nengama-30 ubudala, abekwe amacala okubulala, ukuzama ukubulala, ukwakha itulo lokubulala nokutholakala nezibhamu kanye nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Babekwe amacala okuzama ukubulala ngoba uDeokaran ubenomunye umuntu ngesikhathi edutshulwa ebulawa esemotweni yakhe, kulalela inkantolo.

“Umuntu obehamba nomufi ngesikhathi kudutshulwana uphephile okwamanje futhi akalimalanga. Yingakho sengeza uzungu lokubulala nelokuzama ukubulala kuleli cala,” kusho uPhindi Mjonondwane, umphathi wezokuxhumana esifundeni ngaphansi kwe-National Prosecuting Authority.

Izihloko zakamuva