Abayimilutha yokugembula bacwila ezikweletini

Kamogelo Olaitan

Owesifazane osemncane onamahloni okuthi kwaziwe igama lakhe uthi ungenwe umkhuba wokubheja kwezemidlalo kwi-inthanethi ku-Twitter futhi ngesikhathi ebona abantu bewina, waba nentshisekelo.

Ngenxa yezikweletu ezikhulayo kanye nomndeni okufanele awunakekele, ucabange ukuthi lena kungaba indlela yakhe yokuphuma ezinkingeni, ngakho wafaka uhlelo lokubheja kumakhalekhukhwini wakhe ayengazi ukuthi yisinqumo azozisola ngaso impilo yakhe yonke.

Ngemuva kwezinyanga, usenesikweletu sika-R55,000 futhi akazi ukuthi uzophuma kanjani.

Ungomunye wentsha yakuleli ephendukele ekugembuleni njengendlela yokwengeza imali esheshayo.

Abathengi bakuleli babhekene nokukhuphuka kwentengo yokudla namafutha selokhu i-Russia yahlasela i-Ukraine. Intengo kaphethiloli kanye neyokudla yenyuke kakhulu okwenza abathengi basale nemali encane emaphaketheni.

Ucwaningo lwe-Old Mutual and Investment Monitor luveze ukuthi u-44% wabantu bakuleli abasebenzayo sebephendukele ekugembuleni nge-inthanethi ukuze bengeze imali yabo.

Ucwaningo olukhishwe ngoLwesithathu lukhombisa ukuthi u-76% wentsha eneminyaka ephakathi kuka-18 no-29 bavumile ukuthi babona ukugembula kuyindlela yokwenza imali eyanele ukukhokhela izindleko zabo.

Abangaphezu kwengxenye yesithathu yalabo ababambe iqhaza ocwaningweni bathi bayagembula ukuze bahlangabezane nezidingo zabo zezimali zenyanga.

Lo mbiko ususelwe ezingxoxweni ezingu-1,505 nabantu abahola phakathi kuka-R1,000 no-R7,999 ngenyanga.

UVuyokazi Mabude, onguMphathi wolwazi nokuqonda kwa-Old Mutual, uthe ukuziphatha okuyingozi kuphezulu kubatshalizimali abasha.

“Isifiso sokuthola inzuzo ephezulu sishukumisela abantu ukuthi bacabangele ukutshalwa kwezimali okuyingozi futhi baze baphendukele ekusebenziseni ukugembula ukuze baziphilise,” usho kanje.

“Kodwa-ke abantu abaningi abahola imali ephezulu, okuhlanganisa nasebekhulile, babonisa ukuziphatha okuyingozi ekutshaleni imali, mhlawumbe ngenxa yokuthi banamandla okwenza lokho.”

Ukukhishwa kwalolu cwaningo kulandela i-Statistics SA esikhiphe izibalo zakamuva ze-Consumer Price Index ngoLwesithathu ekuseni ezikhombisa ukuthi ukwehla kwamandla emali kufinyelele ku-7.4% ngoNhlangulana okuyisibalo esiphezulu eminyakeni engu-13.

UTebogo Maponya, oseneminyaka emibili egembula kwezemidlalo, uthe ukugembula kufanele kubhekwe njengendlela yokuzijabulisa.

“Ngeluleka abantu ukuthi bazibheke ngaphambi kokungena ekugembuleni. Uma unobuntu, ungakwenzi,” kusho yena.

“Gembula ngemali ongakwazi ukulahlekelwa yiyo. Ungaboleki ukuze ugembule. Lokhu kuwutshalomali oluyingozi – akukho okuqinisekisiwe.”

Izihloko zakamuva