Njengamanje amaphanta abeka amaBhokobhoko endaweni yesine emgqeni wokuwina iNdebe yoMhlaba – kodwa kungenzeka ukuthi baphambukile, kusho uLucky Maree.
Izinkampani zokubheja ezifana ne-Ladbrokes kanye ne-Hollywoodbets azivamile ukushaya eceleni.
Njengoba izinto zinjena ngesikhathi sekusele isigamu sonyaka ngaphambi kweNdebe yoMhlaba ezoba e-France ngoNcwaba nangoMandulo, i-France izoba intandokazi yokuwina indebe ilandelwa i-New Zealand bese kuba i-Ireland endaweni yesithathu kugcine elakuleli endaweni yesine.
Elakuleli endaweni yesine? Mhlawumbe akunjalo.
Kunezizathu ezimbalwa ezibalulekile ezenza ukuthi i-France ibe intandokazi. Kunzima kakhulu ukungayinaki indlela abanenebule ngayo iNgilandi kowe-Six Nations ngesikhathi beshaya ama-try ayisikhombisa amahle e-Twickenham. Uma i-France ingadlala kanjalo ngeke ivimbeke.
I-France iphinde ibe nethuba elikhulu njengoba iNdebe yoMhlaba izobe idlalelwa ekhaya. Asikho isixuku esithusayo, esiningi nesinolaka njengesase-France. Bayagcindezelana, bayahayiza baphinde bashaye ikhwelo bengaphezi nokuyinto engase idikibalise abaningi.
Bafaka ingcindezi eyisimanga konompempe nasemqhudelwaneni nokuyinto engase iholele ekutheni kukhishwe amakhadi abomvu.
Vele i-France inabadlali abahamba phambili emhlabeni. U-Antoine Dupont uthathwa njengomunye wama-scrumhalves adlala kahle kakhulu emlandweni womdlalo. UThomas Ramos oyi-fullback ungumdlali wasemuva ongase afinyelele kuleso sigaba.
Pho kungani kungafanele babe izintandokazi?
Iqembu elizowina iNdebe yoMhlaba kuzomele lidlale imidlalo emikhulu ilandelana. Njengokuvamile umbuzo uthi ingabe i-France ingadlala imidlalo eyisithupha emikhulu ilandelana? Abakwazanga kowe-Six Nations futhi akukho lutho emlandweni wabo othi bangakwazi.
I-All Blacks ayikaze yenze kahle selokhu yaphathwa umqeqeshi u-Ian Foster. Njengenjwayelo uma benza kahle kuyabonakala, kodwa ukusebenza kwabo kwakamuva kuchazwe ngokuthi “kuthambile.”
Futhi manje iqembu labangebona abaphathi belombhoxo abamanqikanqika e-New Zealand benze iphutha elikhulu kunawo wonke. Esikhundleni sokuxosha u-Ian Foster okhathele futhi osemdala bese befaka uScott “Razor” Robertson ngokushesha, uFoster kuzodingeka ukuthi azenze sengathi unesbindi isigamu sonyaka. Kodwa balindele ukuthi awine!
I-Ireland enomqeqeshi u-Andy Farrell ngeke neze ibe ngeyesithathu emabhukwini!
Kodwa-ke, i-Ireland inezinkinga ezimbili. Ngemuva kokudlala kwabo okumangalisayo kowe-Six Nations umbuzo mayelana nokudlondlobala kwabo ngokushesha uphakamisa ukungabaza okuningi. Ngisho nokuhlula kwabo iNgilandi bekuvele kuwumdlalo ophansi. Ingabe ifomu yabo yehlile kulokhu? Mhlawumbe akunjalo, kodwa umbuzo umile.
UJohnny Sexton ulimele. Indoda engajabulisi, ebonakala iyimpi kwizimbangi zayo iyisikhuthazo sangempela e-Ireland – futhi ukungena esikhundleni se-flyhalf kufanele kube umsebenzi onzima kunayo yonke. Cishe bazothembela kuye ukuthi alulame ngokushesha futhi lokho kungaba iphutha elikhulu.
Ekugcineni amaBhokobhoko. URassie Erasmus noJacques Nienaber sebewudlalile umdlalo – kanti kuze kube manje – bawudlale njengabaphathi be-chess.
Yebo kusakusha, kodwa abenzanga lutho olubi kuze kube manje.
Ukudlala kabi kwamaqembu akuleli kwi-URC ikakhulukazi kwi-Heineken Cup kungase kube into ekhathazayo, kodwa izinkinga zokukhetha amaqembu u-A, u-B kanye no-C akuyona inkinga kwiNdebe yoMhlaba futhi nokuhamba akuyona inkinga.
Kuyiqiniso ukuthi izinkinga ezinkulu zikhona futhi zisazoba khona ngaphambi kukaNcwaba. Akulula neze ukushintsha u-Eben Etzebeth, kodwa ukusa umdlali ongafanele kwiNdebe yoMhlaba kuyinkinga enkulu. Sithemba u-Erasmus noNienaber ukuthi bazokwenza okufanele.
Uma ulangazelele imali manje isikhathi sokufaka indlu yakho engozini – ngokuthi ubhejele amaBhokobhoko ngayo. Ngama-odds angu-4:1 ungathenga izindlu ezine ezintsha ngemuva komqhudelwano.
Esithombeni esingenhla: AmaBhokobhoko ephakamisa iNdebe yoMhlaba
Umthombo wesithombe: SA Rugby