Abavukuzi basoKhukho bawushaya indiva owenkantolo

Celani Sikhakhane

Abasebenzi abangu-444 abatelekile basemayini i-Zululand Anthracite Colliery (i-ZAC) basichithile isinqumo seNkantolo yezaBasebenzi ebayalele ukuthi bahloniphe izinkontileka zabo babuyele emsebenzini.

NgoMsombuluko isiteleka semayini yasoKhukho KwaNongoma singene esontweni lesine.

Abanye abasebenzi abakhulume ne-Scrolla.Africa bakubeke kwacaca ukuthi ngeke babuyele emsebenzini kuze kube umqashi wabo uhlangabezana nezimfuno zabo.

Bathe bafuna abaphathi babalalele kuqala kunokuthi baye enkantolo.

“Bheka lapha, asiqashwanga yinkantolo, ngakho-ke ayikho inkantolo yanoma yiluphi uhlobo ezosiphoqa ukuthi sibuyele emsebenzini,” kusho omunye umsebenzi etshela i-Scrolla.Africa.

“Esikufunayo wukuthi i-ZAC ilalele izikhalo zethu. Inkinga enkulu lapha wukuthi siyahlupheka kodwa akekho ofuna ukusilalela,” bengeza.

Abakhulume ne-Scrolla.Africa bathe abafuni ukuthi amagama abo ashicilelwe ngoba bazokhonjwa indlela ngumqashi wabo.

Abaphathi be-ZAC sebenxuse abasebenzi abatelekile ukuthi babuyele emsebenzini. Inkampani – engumkhiqizi omkhulu we-anthracite eNingizimu Afrika – iphoqeleke ukuthi imise ukusebenza ngoLwesibili olwedlule futhi namanje kusamile ukusebenza.

Khonamanjalo abasebenzi bafuna ukwesekwa okwengeziwe ezinyunyana zabo, i-National Union of Mineworkers (i-NUM) kanye ne-Association of Mineworkers and Construction Union (i-AMCU). Bafuna abaholi kuzwelonke be-NUM ne-AMCU beze Okhukho bazokhuluma nabo.

“Sifuna abaholi bethu kuzwelonke beze lapha bazokhuluma nathi ngoba le nkinga ingaphezu kwabaholi bezifunda bezinyunyana zethu,” kusho omunye umsebenzi.

Inkampani esebenzelana nomphakathi we-ZAC, i-Menar Communications, ithe abasebenzi bafuna ukunyuselwa amaholo ngo-50%.

Esitatimendeni, bathe: “Abaphathi be-ZAC sebedlulisele umbono wabo kuzo zonke izinhlaka mayelana nokumiswa kokusebenza okungekho emthethweni.

“Abasebenzi be-ZAC abatelekile baveze ukuthi bazoqhubeka nesiteleka esingekho emthethweni kuze kube izimfuno zabo zamaholo ziyahlangatshezwa. Lezi zidingo ngezinye izikhathi zizokhuphuka ngo-50% kanti kwezinye izimo zizokhuphuka ngaphezu kwalokho.”

Izihloko zakamuva