Abavukuzi base-Stillfontein bacela amakhambi esintu ukuze baxhumane namadlozi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Abavukuzi base-Stillfontein bacele amakhambi esintu ukwenza amasiko amadlozi njengoba bebhekene nendlala ngaphansi komhlaba.

Bangaphezu kuka-1,500 abavukuzi asebephumile kanti abanye bathi abangu-109 bashone ngaphansi komhlaba.

Abavukuzi abangekho emthethweni abangaphansi komhlaba e-Stilfontein bacele amakhambi esintu njengempepho ukuze bakwazi ukuxhumana nokhokho babo.

Encwadini ebhalwe ngesandla eyathunyelwa ngoLwesine, abavukuzi ababelambile bacela uketshezi lokuzihlanza kanye ne-mphepho isitshalo sendabuko sase-Afrika esishiswa lapho kwenziwa amasiko namadlozi.

Abavukuzi bathi abangu-109 babanye abasebenza nabo bashone ngaphansi komhlaba. NgoLwesine, ithimba labatakuli lilethe isidumbu esisodwa ebese sibole kakhulu singasabonakali.

Abavukuzi batshele iziphathimandla kanye namavolontiya ukuthi babulawa yindlala. Izimvula zakamuva zenze kwaba nzima ukuthumela ukudla kubo.

Ngesonto eledlule abanye abavukuzi bathi abanye sebephendukele ukudla inyama yomuntu ngoba beswele ukudla.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Sabata uthe abakwazanga ukuqinisekisa le mibiko. Uthe amaphoyisa asabheka imigodi yezimayini eshiywe dengwane ngesikhathi i-Mine Rescue Services ibheka ukuthi iphephe kangakanani.

Akekho owaziyo ukuthi umsebenzi wokuhlenga ofanele ungaqala nini.

Bangaphezu kuka-1 500 abavukuzi asebephumile selokhu amaphoyisa eqale umkhankaso wawo “Vala Umgodi” (Close the Mine) kule ndawo.

Amaphoyisa asazama ukuthola abavukuzi abaningi ukuthi baphumele obala.

Esithombeni esingenhla: Imayini ese-Stilfontein endala engasasetshenziswa e-North West.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva