Abavukuzi abavaleleke ngaphansi komhlaba bacela imishanguzo yesandulela ngculazi 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

  • Abavukuzi abavaleleke ngaphansi komhlaba e-Stilfontein bacelela ozakwabo abanegciwane lesandulela ngculazi imishanguzo.
  • Inkantolo iyalele ukuthi abavukuzi abangekho emthethweni bahlinzekwe ngezidingo, okuhlanganisa ukudla nemithi.

Abavukuzi abangekho emthethweni abaziwa ngokuthi ozama zama abavaleleke ngaphansi kwemayini yegolide evaliwe e-Stilfontein bathumele isicelo se-,SOS (Save Our Souls) kuziphathimandla eziqaphe zonke izintuba zokungena nokuphuma emayini engasasetshenziswa esifundazweni sase-North West.

Encwadini ebhalwe ngesandla ebhalelwe iziphathimandla, abavukuzi abangekho emthethweni bacele imishanguzo esindisa impilo yalabo abanegciwane lesandulela ngculazi.

“Sicela ama-ARVs plz, abantu bayawadinga ngapha. Siyacela,” Lena incwadi emfushane ebhalelwe iziphathimandla zasendaweni kanye namathimba abatakuli omphakathi aqapha imigodi, ngethemba lokuthi amadoda angaphansi komhlaba azovela.

Ephendula incwadi evela kubavukuzi abangekho emthethweni, uLieutenant General Tebello Mosikili, iPhini likaKhomishana kazwelonke obhekele ezamaphoyisa, uthe amaphoyisa enza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi labo abadinga imishanguzo yegciwane lengculazi bayayithola.

UMosikili uphinde wathi amaphoyisa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo bazimisele ukuthumela imithi kubavukuzi.

NgoMgqibelo, iNkantolo eNkulu yaseGauteng ikhiphe umyalelo wesikhashana wokuhlinzeka abavukuzi abangekho emthethweni ngezidingo, okuhlanganisa nemithi efana nama-ARV.

Inkantolo iphinde yanquma ukuthi akekho umuntu okufanele avimbe ukungena noma ukuphuma kwabo.

“Bonke abaphumile bazoqhubeka nokuhlolwa abasebenzi bezempilo nabezimo eziphuthumayo abasendaweni. Labo abanempilo enhle bazocutshungulwa futhi baboshwe. Labo abadinga ukunakekelwa okwengeziwe bazoyiswa esibhedlela begadwe ngamaphoyisa,” kusho isitatimende samaphoyisa ngoMgqibelo.

“Ukuthunyelwa kwemishanguzo yegciwane lengculazi – uzokhumbula ukuthi thina amaphoyisa sinesinqumo senkantolo sesikhashana esikhishwe ngoMgqibelo, esisicela ukuba sibanikeze imithi edingekayo ukuze siqinisekise ukulondolozwa kwempilo,” kusho uMosikili ngoMsombuluko.

“Sikuvezile ukuthi kuzokwenziwa ngendlela ehlelekile. Abavukuzi abangekho emthethweni bayazi ukuthi kufanele baye kuphi nokuthi ithimba lihlanganela kuphi ukuze lisabalalise ama-ARV emgodini.”

Esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu, i-South African Human Rights Commission ithe iphenya amaphoyisa ngokuvimbela abavukuzi ukuthola izinto ezibalulekile.

Amaphoyisa asamukele isinqumo senkantolo. Kodwa-ke, aphawule ukuthi lesi sinqumo asikuvimbeli ukuboshwa kwabavukuzi abangekho emthethweni abaphuma emgodini bengaguli.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ngoMsombuluko akumele izimpilo zabantu zibe sengcupheni ngenxa yokungaboni ngaso linye phakathi kwamaphoyisa nabavukuzi ababhajwe ngaphansi komhlaba.

Esithombeni esingenhla: Incwadi evela kubavukuzi becela imishanguzo yokuthithibalisa igciwane lengculazi.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva