Lubhalwe nguKhaya Masipa
Inkampani eyaziwa kakhulu ngokuthunga izingubo zokulala zendabuko ebizwa nge-SA’s Pex Lifestyle isizovelelaemhlabeni jikelele.
Abasunguli nabasiki bengqephu be-Pex Lifestyle, u-Ayanda Nkululeko Nkosi noSiyanda Mhlahlo bazobe bezulazula kwelase-Germany bekhangisa ngezingubo.
Laba bobabili basungule into yabo ehlukile, bakhiqiza izingubo zokulala ezihlukile kunalezi ezijwayelekile baphinde bakhiqize nohlobo oluhlukile lwezicathulo.
Abasiki bengqephu abancane bayingxenye ye-GIZ Dutch Skills Initiative for Africa, egunyazwe uMnyango Wezokubambisana Kwezomnotho wase-Germany.
NgoNhlolanja, uNkosi noMhlahlo bazobamba iqhaza ohlelweni oluzobaveza beshintshana ngamakhono nabasiki bengqephu bamazwe ngamazwe ngesikhathi befunda kabanzi ngokukhiqiza kanye nohlangothi lwebhizinisi lwemfashini e-Berlin, Munich nase-Frankfurt Germany.
Selokhu basungula le nkampani ngo-2015, uhlobo lomkhiqizo wabo osesitayeleni usungene ezindaweni ezinkulu zemfashini ezihlanganisa i-East Fashion Week, ne-Soweto Fashion Week. Manje bayingxenye yosomabhizinisi abakhangisa ngezingubo zabo umhlaba wonke.
“Sijabule kakhulu ngokuba ingxenye yalolu hlelo. Sifuna ukunweba amaphiko singene ezimakethe zomhlaba ukuze igama lethu laziwe umhlaba wonke,” kusho uNkosi.
Laba bobabili bathi bafuna ukwakha ubudlelwano bebhizinisi futhi bathuthukise imikhiqizo yabo.
“Ukufunda ukuthunga izicathulo yinto engiyithokozela kakhulu, kodwa ngifuna nokufunda kongoti bakule mboni ukuthi bangafika kanjani ezingeni labo,” kusho uSiyanda.
Uhlobo lwezimpahla zabo lungatholakala ku-inthanethi ekhasini labo lezinkundla zokuxhumana noma esitolo sabo sangempela esisenxanxatheleni yezitolo i-Newtown Junction.
Esithombeni esingenhla: Abasiki bengqephu u-Ayanda Nkululeko Nkosi noSiyanda Mhlahlo begqoke i-Pex Lifestyle
Umthombo wesithombe: I-Pex Lifestyle