Abathola izibonelelo zikahulumeni baphoqeleka ukuthi basebenzise amabhakede njengezindlu zangasese ngesikhathi belinde kolayini

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Amakhasimende akwaSassa eGugulethu afika namabhakede azowasebenzisa njengezindlu zangasese ngesikhathi elinde kulayini wasekuseni.

IPhini likaNgqongqoshe lishaqekile njengoba izakhamizi zima ulayini kusukela ngo-4 ekuseni ukuze bathole izibonelelo zikahulumeni.

Abantu abathola izibonelelo zikahulumeni eGugulethu baphoqeleke ukuthi beze namabhakede abazowasebenzisa njengezindlu zangasese ngesikhathi bemi ulayini ngaphandle kwehhovisi lakwaSassa.

IPhini likaNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uGanief Hendricks, ushaqekile ngakuthola ngesikhathi evakashile ukuyobheka izidingongqangi.

“Sikhathazekile ngezinsiza zaseGugulethu ngoba abantu bathi uhulumeni akafinyeleli kubo, bashaya ulayini kusukela ngo-4 ekuseni kumele baphathe amabhakede ngoba awekho amathoyilethi, lokhu akwamukelekile futhi kumele kulungiswe ngokushesha,” kusho uHendricks.

IPhini likangqongqoshe belibheka ukuthi kungenziwa kanjani ulayini ube mfishane nokuqinisekisa ukuthi izinsiza zilandela uhlelo lukahulumeni lokubeka abantu phambili.

USiphosethu Maga (34), ufuna oNgqongqoshe bavakashe kungazelelwe. “Kufanele bafike ngaphandle kwesixwayiso bazobona ubunzima bethu bangempela. Uma bememezela ukuvakasha kwabo, ihhovisi lenza izinto zibukeke kahle ngalolo suku,” kusho uMaga.

Esinye isakhamuzi esicele ukungadalulwa sithe abantu sebephoqeleke ukuthi bashaye ulayini ngaphandle namabhakede isikhathi eside.

“Siyajabula ukuthi uNgqongqoshe ufikile, kodwa okubalulekile ukuthi yini eshintshayo ngemva kokuvakasha kwakhe. Abasebenzi bayazazi zonke izinkinga zethu kumele bazilungise,” kusho isakhamuzi.

Esithombeni esingenhla: Ukuvakasha kwePhini likaNgqongqoshe wakwaSassa ehhovisi lendawo yaseGugulethu eKapa sekunikeze izakhamuzi ithemba lokuthi kuzophela ukudonsa kanzima kolayini abade ngaphandle kwehhovisi.

Umthombo: UBuziwe Nocuze

Izihloko zakamuva