
Izithombe ezifakwe yiphephabhuku elibizwa nge-British Vogue bebecabanga ukuthi benza into encomekayo e-Afrika ukugubha ubuhle base-Afrika.
Kodwa ezinkundleni zokuxhumana abazange bajabule neze ngezithombe ezimnyama ezingayikhombisi injabulo yonobuhle njengoba omunye uthe zimbi.
Ikhasi eliyikhava langoNhlolanja le-British Vogue liphethe onobuhle abayisishiyagalolunye abahle abaqhamuka e-Afrika.
Umhleli omkhulu u-Edward Enninful, onobuzwe base-Ghana kanye nobase-British uthe: “Ngibone onobuhle beyizibonelo ezinhle ezivela kulo lonke elase-Afrika bekulangazelele futhi bekhombisa ubuhlakani.”
Uchaze wathi: “Imfashini ivame ukulandela okusuke kudumile ngaleso sikhathi.
Njenge-Brazil wave, i-Dutch wave, i-Russian wave, kanye ne-European wave njengoba manje sesiqhakambisa abamnyama abase-Afrika. Ukuba ngunobuhle sekuvele kwagqama, futhi kuyangijabulisa ukuthi ekugcineni sitshengisa indawo yobuhle base-Afrika.”
U-Enninful uthe ufuna “ukudweba kabusha imephu” yomhlaba wemfashini.
UChristiana Mbakwe-Medina, umbhali we-Daily Show uchaze wathi: “I-Framing, umbala omnyama osetshenziswe ngamabomu kanye nendlela ababukeka ngayo ebusweni kanti nokungajabuli kwabo kusho lukhulu mayelana nokuthi izikhungo zemfashini ezimhlophe zibabheka kanjani abesifazane abamnyama.
Iyabheda indlela yobuciko yokuzifaka zonke izithombe zibe mnyama naphezu kwemibala yabo yesikhumba ehlukile.
Sikunyaka ka-2022 kodwa namanje i-Vogue ayikwazi ukukhanyisa kahle izithombe zabesifazane abamnyama.”
Omunye ubhale ukuthi: “Azikho izinwele zemvelo zase-Afrika? Azikho izitayela zezinwele zase-Afrika? Ayikho i-Afro? Kodwa amawigi kuphela!! Lowo mbala omnyama uhlangene nokukhanya uyasabeka.”
Umbhali uTaiwo Williams ubhale ku-Twitter wathi: Njengenjwayelo thina sisusiwe.