Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Umndeni waseNdlunkulu yabaThembu e-Eastern Cape uthi bamxwayisa umholi we-Afrika Mayibuye ngokusebenza nowayenguNdlunkulu uNolubabalo Mcinga weKumkani uBuyelekhaya Dalindyebo.
UMfowabo weKumkani okunguMnuz Ndiphile Makaula uveze ukuthi bamkhuza uMnuz Floyd Shivhambu ngokusebenzisana noNksz Mcinga.
” Samkhuza Shivhambu sasho ukuthi akamazi kahle uNksz Mcinga. Kodwa yena waqhubeka wasebenza naye wazewamenza iphini likaMengameli we-Afrika Mayibuye Movement, ” kusho uMakaula.
Ngesikhathi exoshwa eqenjini uNksz Mcinga ngesonto eledlule, uMakaula wabhala ezinkundleni zokuxhumana wathi babeshilo ukuthi kuyinkinga ukusebenza noNksz Mcinga.
Ngakolunye uhlangothi uNksz Mcinga usola Shivhambu ngokungabahloniphi abantu besifazane nanokungakwazi ukuhola iqembu.
” Ngithi angixolise kwababengikhuza ngoShivhambu ngoba esezivezile kimi ukuthi ungumuntu onjani. Ungumuntu ongakhulile nhlobo emqondweni,” kusho uNksz Mcinga engxoxweni neNewsroom Afrika.
UShivhambu yena uthi uNksz Mcinga ubehluleka ukuziphatha eqenjini futhi ubevele abenemihlangano noMnuz Jacob Zuma ekubeni engagunyaziwe ukwenzenjalo.
UNksz Mcinga ukewaba yilungu le-EFF waphinde wawokelwa kuMkhandlu weziFundazwe ngaphambi kokwesula ayojoyina i-Afrika Mayibuye Movement.
