Abathembekile kuZuma “bathembisa ukumelana nesinqumo sejele”

Lungani Zungu

Abasekeli abathembekile bakaJacob Zuma bavuke umbhejazane ngemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo imgwebe izinyanga eziyishumi nanhlanu ejele.

“Manje-ke kuyilungelo lethu nomsebenzi wentando yeningi ukuba sidlulise intukuthelo yethu,” kusho okhulumela uMkhonto weSizwe Military Veterans Association (MKMVA) ku-twitter uCarl Niehaus.

“Ukuboshwa kukaZuma akwamukelekile neze. Empeleni kuyintukuthelo enkulu leyo!” ebhoka ngolaka.

Ufunge wagomela ukuthi iMKMVA izosiphikisa lesi sinqumo.

“Noma kunjalo, sizoqhubeka simeseke uMsholozi!”

INkantolo yoMthethosisekelo ithole uZuma enecala lokwedelela inkantolo ngoLwesibili ngemuva kokushaya indiva imiyalelo yokuthi avele ngaphambi kwekhomishini yokulawulwa kombuso.

Ngenkathi kukhishwa lesi sinqumo eGoli, iqembu lababizwa ngomakadebona boMkhonto weSizwe beliseNkandla.

Bebehleli edolobheni eliseduze nomuzi kaZuma kusukela kwaqala imibiko yokuthi kungenzeka aboshwe ekuqaleni konyaka. Abaningi babonakala besebancane kakhulu ukuthi bake baba kulo mzabalazo.

UMzwanele Manyi, okhulumela i-JG Foundation, uthe ushaqekile ngalesi sinqumo, asibiza ngokuhlukumeza ubulungiswa.

“UMnu uZuma uhlaselwa yizitha zakhe noma engasekho esikhundleni sikahulumeni,” utshele i-Scrolla.Africa.

Akashongo ukuthi uZuma uzosihlonipha yini isinqumo.

Indodakazi yakhe uDuduzile ibhale ku-Twitter ithi ubaba wayo usemoyeni omuhle eNkandla.

“Amandla! Ngiqeda ukukhuluma nobaba [.] @PresJGZuma UseMoyeni Ophakeme futhi Akesabi lutho,” ubhale kanje ku-Twitter.

Uthe lowo owayengumengameli unikezwe ithuba lokukhetha phakathi kokuboshelwa eGoli noma eNkandla.

“Vele, sikhethe ukuba seduze nasekhaya. Ukuthi kunomvalelo noma awukho sizokuphelezela ukuze uyohlala isikhathi sakho ejele,” kusho yena.

Lesi sinqumo siza ngesikhathi uZuma elungiselela ukuvela eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu mhla zi-19 kuNtulikazi ngodaba lwe-Arms Deal.

Lesi sinqumo kungenzeka sidale imifantu eminingi ku-ANC esivele ihlukane phakathi – njengoba abasekeli bakaZuma bekholelwa ukuthi lowo ongene esikhundleni sakhe, uMengameli Cyril Ramaphosa nguye obhekene nezinkinga zakhe zomthetho.

Umthombo wesithombe: @niehaus_carl

Izihloko zakamuva