Abathandi besibhakela bawulindele ngabomvu owe-matchup 

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo

Sekuyisikhathi eside isibhakela siwumdlalo ogxekwayo ngokugwema i-blockbuster ye-matchups, kodwa umdlalo kaRyan Garcia ebhekene noGervonta Davis ungase ukhombise lokhu abakade bezama ukukugwema. 

Imidlalo yokugcina eyenza abalandeli bajabule ngalendlela kwakumdlalo kaFloyd Mayweather ebhekene noManny Pacquiao ngo-2015 noma okaCanelo Alvarez ebhekene noGennady Golovkin ngo-2017 nango-2018.

Ngaphandle kwezimpi ezintathu zikaTyson Fury noDeontay Wilder, abalandeli besibhakela bavame ukufuna okungaphezulu uma kunempi yabashayisibhakela abangompetha.

Abalandeli besibhakela ekugcineni bazokuthola lokho abakufunayo uma uGarcia esebhekene noDavis ngomhlaka-22 kuMbasa.

“Lena yimpi enkulu kunazo zonke emkhakheni wesibhakela,” kusho uGarcia (24), etshela i-Insider.

Awekho amabhande noma izicoco ezizowinwa, kodwa owinile kule mpi ngokungangabazeki uzoba yimbangi enzima.

Owehluliwe kule mpi uzofuna impinda embangweni ongajabulisa izinkumbi zabantu iminyaka ezayo.

“Kuzobe kuwumdlalo omkhulu,” kusho uStephen Espinoza onguMengameli we-Showtime Sports.

“Lolu uhlobo lomqhudelwano ojabulisa kakhulu abalandeli futhi sekunesikhathi eside salugcina.”

UGarcia oteketiswa ngegama elithi “The Flash”, uselwe amahlandla angu-23 futhi kusamele akulindelwe ukuhlulwa njengoba esawine izimpi zakhe ezingu-19.

UDavis “Tank” osemdala kuGarcia ngeminyaka emine, unerekhodi elihlaba umxhwele njengoba eselwe izimpi ezingu-28 engakaze ahlulwe kanti sebemginqe amahlandla angu-26.

Bobabili abashayisibhakela bazobe belwela amarekhodi kanye nenhlonipho yokuba umpetha.

Ukulahlekelwa irekhodi lakho kuwukwehla okukhulu njengompetha wesibhakela kanti akekho ofuna ukulahlekelwa yilokho, kodwa omunye wabo kuzomele abhekane nalokhu ngemuva kwempi yase-Las Vegas.

Izandla ezisheshayo zikaGarcia ezizobhekana namandla kaDavis, kubukeka kuzoba umdlalo omkhulu kunayo yonke eyake yakhona.

Abalandeli abaningi baphuthelwe uTerrence Crawford ebhekene no-Errol Spence, uTyson Fury ebhekene no-Anthony Joshua kanye noChris Eubank Jr ebhekene noConor Benn.

Ukushuba kwesimo sekufike ezingeni elikhulu njengoba uDavis eshiye wonke umuntu elinde amahora ambalwa ngaphambi kokuthi afike esithangamini sabezindaba sokuqala ngqa.

Isithombe esingenhla: URyan Garcia noGervonta Davis bebhekene

Umthombo wesithombe: Twitter

Izihloko zakamuva