Abathandi bebhola lombhoxo abasakwazi ukulinda uhulumeni ukuthi avumele abalandeli babuyele ezinkundleni

Dylan Bettencourt

UMengameli we-South African Rugby Union (Saru) uMark Alexander uthe abasakwazi ukulinda umyalelo kahulumeni wokuthi kuvunyelwe abantu abaningi ukuba bahambele imidlalo yebhola lombhoxo.

I-SA Rugby idayise amathikithi enkundla agcwele emidlalo eyisithupha yamaBhokobhoko kulo nyaka nakuba uhulumeni ebeke imingcele yokuthi kube ngabantu abangu-2,000 abazohambela imidlalo ezinkundleni.

Amathikithi emidlalo yamaBhokobhoko yochungechunge lwama-Test amathathu bebhekene nama-Wales kanye nemidlalo yeqembu ye-Rugby Championship bedlala ne-Argentina kanye nemidlalo emibili ne-New Zealand adayiswe ngesonto eledlule.

“Sidayisa amathikithi azogcwalisa inkundla njengokujwayelekile. Uhulumeni akakasiniki imvume okwamanje, kodwa kufanele siqhubeke njengokujwayelekile,” etshela i-Sport24.

Uthe yiNingizimu Afrika kuphela lapho okusavinjelwe khona abantu ezinkundleni zemidlalo.

INingizimu Afrika izophinde isingathe iNdebe Yomhlaba  yesikhombisa ngoMandulo kulo mcimbi ozodonsa izinkumbi zabantu.

U-Alexander ubuze ukuthi kungani ezemidlalo zinganakwa emizamweni yokubuyela ekulinganeni ngemuva kweminyaka emibili yobunzima.

“NgoZibandlela, bangaphezu kuka-100,000 abantu abangena ngeminyango e-Waterfront ngaphandle kokukhombisa izitifiketi zokugoma, kodwa kunakwa yonke le mithetho kwezemidlalo,” kuchaza u-Alexander. 

U-Alexander wengeze ngokuthi ngenkathi isigungu esilawulayo sihlela ukuxhumana neziphathimandla ezilawulayo mayelana nokufika kwabalandeli, ukusabela kancane kukahulumeni kubashiye bedangele.

Umbiko wephephandaba i-Sunday Times uphakamise ukuthi i-National Coronavirus Command Council ihlangane ngoMsombuluko ukuze kudingidwe umthetho wokulawulwa kwezinhlekelele futhi kuxoxwe ngokususwa kwesimo sezinhlekelele kuzwelonke.

NgoLwesibili, isimo sezinhlekelele siqhutshiwe kuze kube umhlaka-15 kuMbasa. 

Umthombo wesithombe: @SARugbyMagazine

Izihloko zakamuva