Lubhalwe nguThathe Msimango
Umjaho wesithathu we-Runified Breaking Barriers ka-50 km kulindeleke ukuthi ushube.
Eminyakeni embalwa edlule, lo mjaho usuqophe amarekhodi amabili omhlaba. U-Irvette Van Zyl ukhiqize isikhathi sika-3:04:58 esendleleni enqobayo ngo-2021. Ngonyaka odlule, umpetha waluleli uStephen Mokoka ushaye u-2:40:13 emdlalweni wakhe wokuqala.
Njengoba kulindelwe isimo sezulu esingeyona inkinga kanye nomzila oqondile, umjaho walo nyaka ozoba se-Pollock Beach e-Gqeberha ngomhlaka-26 kuNhlolanja futhi kunethemba lokutho lomdlalo uzophinde uqophe elinye irekhodi ngalolu suku.
Abasubathi abane asebeqinisekisiwe ukuthi bazobamba iqhaza futhi abangompetha be-Comrades Marathon, uTete Morena Dijana, u-Edward Mothibi, uLudwick Mamabolo noClaude Moshiywa.
Ngisho nomgijimi ovelele waseMelika uCJ Anderson ongene kwabayishumi abahamba phambili kwi-Boston Marathon nyakenye, useveze izinhloso zakhe zokujaha irekhodi likaMokoka.
Emjahweni wabesifazane umpetha we-Swedish Marathon nyakenye, uHanna Lindholm uhambe phambili kule nkundla kanti uDominika Stelmach, uphume isibili kanti ubalwa nezinkunzi ohlwini.
“Lo mjaho usukhule umhlaba wonke selokhu sawuqala,” kusho umqondisi womjaho uNick Bester owawina i-Comrades Marathon ngo-1991.
“Kuyasijabjlisa ukubona abagijimi abafuna ukwephula amarekhodi. Abasubathi abaseqophelweni eliphezulu asebeqinisekise ukungenela kwabo kulo nyaka benza noma ngubani alangazelele usuku lomjaho. Angingabazi ukuthi umjaho uzoba yinqaba.” Ngemuva kokuqeda isibili nyakenye, uDijana ufuna ukunambitha ukunqoba kulo nyaka.
“Ngonyaka odlule ngawugijima umjaho wempilo yami, ngakho ngizimisele ngokuthuthuka. Ukuqeqeshwa kuhambe kahle futhi ngizizwa nginethemba lokuthi ngizokwenza kangcono. Abasubathi abaza kulo mjaho bazoletha umqhudelwano, kodwa engigxile kukho ukugijima kanti nokuwunqoba kuzongijabulisa kakhulu,” kusho uDijana.
Emizameni yokwephula irekhodi lomhlaba abahleli bawo bafake uMelikhaya Frans, owenza isikhathi esingcono kakhulu esingu-2:09:22 ukuthi abe umshini wokufaka umfutho emjahweni wabesilisa.
Lo mjaho uzokhipha imali engaphezulu kuka-R1 million.
Isithombe esingenhla: UTete Dijana
Umthombo wesithombe: @Nedbank