Abasubathi baseAfrika baphule amarekhodi emasontweni edlule

Abasubathi baseAfrika sebephule amarekhodi omhlaba amathathu kula masonto edlule.

ULetesenbet Gidey, oneminyaka engama-22 wase-Ethiopia wephule irekhodi lomhlaba emamitheni ayi-5 000 abesifazane, okuyirekhodi ebese kuphele iminyaka eyi-12 linganqotshwa umuntu.

Ubencintisana emcimbini obuse-Valencia e-Spain.

UJoshua Cheptegei wase-Uganda wephule irekhodi lamamitha ayi-10 000 lamadoda emcimbini ofanayo, eqeda irekhodi ebese lime iminyaka eyi-15.

UCheptegei oneminyaka engama-24, naye wephule irekhodi lamamitha ayi-5 000 lamadoda, ebese lime iminyaka eyi-16, emcimbini obuse-Monaco ngoNcwaba.

Yonke imicimbi ibinobuchwepheshe be-wave-light amaglobhu abekhanya ngokuhlaza, ebajaha ngesikhathi begijima kwithrekhi ebibarekhoda. 

Izibani ezakhiwe e-Holland, akuzona zodwa ezinobuchwepheshe bezikhathi ezisheshayo.

UCheptegei, uGidey nesizukulwane sonke sabagijimi sebephendukele ezicathulweni zobuchwepheshe obuphezulu, ezifana no-Nike, i-Dragonfly kanye ne-Vaporfly.