
Dylan Bettencourt
Iqembu lase-Ukraine le-Winter Paralympics liqede uhambo lwalo e-Beijing labuya nendondo yegolide ngaphezu kokuthi lihlukumezeke kanzima ngokuhlaselwa okwenziwa i-Russia ezweni labo.
Iqembu labasubathi abangu-20 ekuqaleni belingenaso isiqiniseko sokuthi lizoqhudelana yini kule midlalo njengoba imidlalo iqale ngemuva kwesonto amasosha ase-Russia engene e-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja.
Kodwa-ke, ukungqubuzana ezweni labo kugqugquzele abasubathi ukuthi badlale ngendlela engcono kakhulu emlandweni wama-Paralympic njengoba bephume endaweni yesibili etafuleni ngezindondo zegolide ezingu-11 egameni labo.
Lona ngumphumela omuhle kakhulu abawutholile kusukela baqala ukuqhudelana njengesizwe esizimele ngonyaka ka-1996.
UMengameli wekomidi labakhubazekile lase-Ukraine uValeriy Sushkevych uthe kuyisimangaliso ukuthi abasubathi babe ingxenye yale midlalo, ingasaphathwa eyokuqopha kwabo umlando.
“Ukungezi lapha bekuzofana nokuthi sithathe isinqumo esilula. Ukuba khona kwethu kuma-Paralympics kuwuphawu lokuthi i-Ukraine iyizwe futhi isazoqhubeka ibe yilona,” kusho uValeriy.
Okwenzeka e-Ukraine kulethe ubunzima kubasubathi base-Ukraine, bethola izindaba ezibuhlungu kusukela ekuhlaselweni usuku nosuku.
U-Oksana Shyshkova ubengomunye wabadlali abenze kahle kakhulu e-Ukraine, uwine izindondo ezintathu zegolide nezindondo zesiliva ezimbili kodwa into ayifunayo ukuthula ezweni lakhe.
“Anginawo amathemba, ngifuna ukuthula e-Ukraine kuphela,” kusho lo msubathi.
Ithimba lonke lase-Ukraine ngoLwesine libambe umbhikisho wokuthula endaweni yama-Paralympic, liphethe izingqwembe ezibhalwe ukuthi, “Ukuthula kubantu bonke” futhi liphinde laba nomzuzu wokuthula behlonipha laba ababe izisulu kulokhu kuhlaselwa.
Noma ngabe imidlalo ibise-Beijing, lokho akuzange kuvimbele izinkinga ukuba zithinte imidlalo, njengoba u-Anastasiia Laletina oneminyaka engu-19 ubudala uphume emidlalweni ngemuva kokuthola ukuthi uyise uthunjwe amabutho ase-Russia.
Ukungabi bikho kwabasubathi base-Russia kwengeze empumelelweni ye-Ukraine e-Beijing, njengoba izwe labo libhekene nezikhathi ezinzima.
Okhulumela ikomidi le-International Paralympic Committee uCraig Spence uthe indaba yase-Ukraine e-Beijing mhlawumbe ngelinye ilanga izoba ifilimu ekhuthazayo.
Iqembu lihlela ukundizela e-Poland ekupheleni kwemidlalo ngomhlaka-14 kuNdasa futhi lisazonquma ukuthi lizokwenzenjani ngokulandelayo.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian