Dylan Bettencourt
I-website eyenzelwe ukuvimbela abadlali ukuba bahlazeke ngezithombe ezifakiwe ezingezinhle, isithole inqwaba yemibiko enezithombe eziyi-2 500 ezibikwe kusukela ngoLwezi ngonyaka wezi-2020.
IKomidi lama-Olimpiki lase-Japan (i-JOC) lisungule lo msebenzi ngasekupheleni konyaka odlule, ngemuva kokuthi abesifazane abambalwa ababengabadlali bephakamise izingqinamba lapho babethwetshulwa khona izithombe ezihlukumeza imizimba yabo ngenkathi bekumncintiswano.
Le-website ivumela noma yimuphi umuntu ukuthi abike noma yisiphi isithombe asibona njengesithombe esinukubeza umdlali kanti ngemuva kwalokho kuzophenywa lolu daba ngenhloso yokususa isithombe ku-inthanethi.
Le-website ihlangabezane nemibiko eminingi bekhalaza ngezithombe kusukela kuma-Olimpiki e-Tokyo, isibalo semibiko siphindwe kabili kusukela ngoNtulilazi ngokusho kwezindaba i-Kyodo.
Amaphoyisa ase-Tokyo abopha owesilisa oneminyaka engama-37 ngoNhlaba kulo nyaka ngamacala okusolwa ngokwephula amalungelo abadlali ngemuva kokushicilela izithombe eziningi zabasubathi besifazane ku-website eziveza imizimba yabo ngendlela engalungile.
Ezinyangeni ezimbili kamuva, owesilisa waboshwa ngokushicilela ividiyo eyimfihlo eveza umsubathi wesifazane futhi wayifaka ku-website kanye nezithombe ezishuthwe ngendlela engeyinhle.
I-JOC nezinye izinhlangano eziyisithupha ezilawulayo benze isethembiso sokuqeda lezi zinkinga kubadlali besifazane.
“Kubaluleke kakhulu ukuthi lolu daba lungakhohlwa. Sizolokhu sazisa abantu ngalolu daba njalo ukuze abantu balugcine engqondweni,” kusho ilungu lekomidi eliphezulu le-JOC uKeiko Momii esitatimendeni.
Umncintiswano wase-Tokyo wangonyaka wezi-2020, ubone abasubathi besifazane abaningana bephikisana nodaba lokunukubezwa ngokocansi njengoba kwabonakala iqembu laseJalimane lokuzivocavoca ligqoke ama-body unitards aphelele esikhundleni sokugqoka ama-leotard ajwayelekile asikwe ngohlobo lwebhikhini.
Ithimba le-volleyball yasolwandle lase-Narways nalo lithole inhlawulo yokwenqaba ukugqoka ama-bikini bottoms ngenkathi bencintisana futhi bakhetha ukufaka amathayithi agcwele.
Umthombo wesithombe: @Salon