Dylan Bettencourt
Iqembu labasubathi bama-Olimpiki abavela esizweni esincane esiqhingini sase-Cook Islands bathathe izinyanga ezimbili ukufika ekhaya bevela kuma-Olimpiki ase-Tokyo ngenxa yemithetho yokuziqhelelanisa ye-Covid-19.
Esontweni lesibili likaNcwaba, abasubathi abayisithupha abavela eziqhingini zase-Cook baziqhelelanise nabantu izinsuku eziyi-14 e-New Zealand endleleni yabo ebuyela ekhaya – njengoba lokho kube isiqalo sosizi lwabo.
Ngenkathi bedlulela e-Auckland babanjwe umvalelo wezinyanga ezimbili kulandela ukwanda kokuthelelana nge-Covid-19.
Ngenkathi kwehliswa imithetho yomvalelo e-New Zealand, abasubathi abavela eziqhingini zase-Cook bakwazile ukuhamba kuleli izwe babuyela ekhaya.
Ukufika ekhaya baphinde bahlangane nabangani nemindeni yabo akungabazeki ukuthi kube umzuzu abasubathi abaphuphe ngawo, kodwa namanje abakakakhululeki!
Uma befika ezweni labo kuzodingeka ukuthi baziqhelelanise nabantu amasonto amabili.
UMengameli wama-Olimpiki wase-Cook Islands uHugh Graham uthe yize ezinye izinsuku bezizinhle, ubenenkinga yokuhlala yedwa izinsuku eziningi.
Usebenzisa ibinzana lamagama ase-Cook Islands elisho ukuthi konke kuhle, kulungile futhi nginibonga kakhulu nonke. Utshele i-Cook Island News ukuthi: “Ngifuna nokusho ukuthi ngiyabonga kakhulu emisebenzini eminingi yomphakathi enikeze usizo ngezindlela eziningi nakumalungu ethu eqembu lase-Cook Islands ebelisele dengwane lapha e-New Zealand”.
Wengeze ngokuthi uma yena nethimba lakhe bekwazile ukumelana ukuziqhelelanisa nabantu kanye nomvalelo emadolobheni ahlukene ase-New Zealand, bangakwazi ukumelana nezinye izinsuku eziyi-14 zokuziqhelelanisa nabantu ngaphambi kokuthi babone imindeni yabo.
I-Cook Islands iqhubekile nomqhudelwano wayo wokuncintisana kuma-Olimpiki ngaphandle kokuwina indondo e-Tokyo futhi sebengenele yonke imidlalo yama-Olimpiki kusukela ngowe-1992 e-Barcelona.
Umthombo wesithombe: @Zimbio