Abasubathi bakuleli bazimisele ngeyama-Commonwealth

Razeen Gutta

Bangaphezu kuka-200 abasubathi abathunyelwe ukuthi babambe iqhaza emqhudelwaneni wesi-16 kuma-Commonwealth e-Birmingham e-England emasontweni amabili ezayo.

Le midlalo izoqala ngoLwesine futhi izohlanganisa imidlalo yesintu yama-olimpiki efana nokubhukuda, ibhola lomnqakiswano, ibhola lombhoxo yama-sevens ne-hockey phakathi kweminye. Kulo nyaka kuzophinde kubuye ikhilikithi  okokuqala ngqa eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili njengoba kuzokhonjiswa umqhudelwano wabesifazane we-T20.

Isikhulu se-South African Sports Confederation and Olympic Committee (i-Sascoc) uNozipho Jafta sithe imidlalo yethula ithuba elihle kubasubathi abanamagoli kuma-olimpiki.

“I-Birmingham Commonwealth Games inika abasubathi ithuba lokuthi bafake isicelo sabo sokuvela e-Paris ngo-2024 nase-Los Angeles ngo-2028,” kusho uJafta.

“Inhliziyo yami ivele igcwale ukuziqhenya uma ngibheka ithimba lakuleli elizoya e-Birmingham.”

Ngemuva kokuwina izindondo ezingu-37 zegolide ezingu-18 emidlalweni yango-2018 ithimba lakuleli lizoba linethemba lokwenza kangcono kakhulu e-Birmingham.

Uhulumeni uzoklomelisa bonke abathole izindondo kuleli ngemali ephakathi kuka-R20 000 abadle indondo yethusi kanti bazothola u-R60 000 abazowina igolide kulo nyaka kanti abaqeqeshi babo bazohola phakathi kuka-R5 000 no-R10 000.

Njengoba leli qembu lidonsa kanzima kuma-World Athletics Championships eMelika, abadlali abafana no-Akani Simbine noLuxolo Adams bazobheka ukulungisa izinto e-Birmingham kanti uWayde Van Niekerk ngeke abe khona kule midlalo.

UVan Niekerk ukuqinisekisile ezinkundleni zokuxhumana kuleli sonto ukuthi ngeke abambe iqhaza kulandela ukuphuma kwakhe endaweni yesihlanu kowamanqamu ka-400m.

Kubabhukudi abangu-20 uTatjana Schoenmaker uzobuya okokuqala kusukela ephule irekhodi lomhlaba le-breaststroke ka-200m e-Tokyo ngo-2020.

UChad le Clos uzobe ezimisele ngokungeza irekhodi lakhe lezindondo ezingu-17 ze-Commonwealth Games.

Iqembu lebhola lomnqakiswano eliholwa nguBongi Msomi lizobheka ukwenza ngcono endaweni yalo yesihlanu elayithola emidlalweni yango-2018 njengoba lilungiselela ukusingatha iNdebe yoMhlaba ka-2023.

Emdlalweni yebhola lombhoxo wama-sevens ama-Blitzboks kumele azimisele ngemuva kokuphuthwa indodo ngo-2018.

Iqembu lebhola lombhoxo labesifazane nalo lizobheka ngabomvu ukuthola ulwazi olubalulekile lwamazwe ngamazwe kule midlalo.

Kuzobe kungokokuqala ngqa ikhilikithi yabesifazane ukuthi ibonakale kule midlalo.

Iqembu likaSune Luus liqhamuke emdlalweni onzima e-England kanti uzothemba ukuthi ukulungisa isimo kungabasiza e-Birmingham njengoba bezobhekana ne-England, i-Sri Lanka ne-New Zealand kweyamaqoqo.

I-hockey, i-volleyball, isibhakela, umdlalo wamabhayisikili, i-gymnastics, i-badminton, i-basketball, i-lawn bowls, ukudubula, i-squash, ithenisi, i-triathlon, i-weightlifting kanye ne-wrestling konke kuzokwenzeka phakathi nemidlalo ezoqala kusukela ngomhlala-28 kuNtulikazi kuya mhla ziyisishiyagalombili kuNcwaba.

Umthombo wesithombe: @Sascoc

Izihloko zakamuva