Timmy T Maranda
Njengoba sekusele isikhathi esingaphansi kwenyanga, abadlali ababili abasezingeni eliphezulu abahlabane ngezindondo zaseNingizimu Afrika, uCaster Semenya noWayde van Niekerk, ima besazohlungela ukungenela kuma-Olimpiki ase-Tokyo.
USemenya, owanqobela iNingizimu Afrika indondo yegolide ngowezi-2016 e-Brazil, ushintshele kumjaho wamamitha ayi-5000 ngenxa yokuvinjelwa ukugijima kumjaho wamamitha angama-800 ngenxa yezinga lakhe eliphakeme le-testosterone.
UWayde van Niekerk yena ulimale isikhathi eside nokuyinto ethinte ifomu yakhe. USunette Viljoen, onqobe izindondo zesiliva kuma-Olimpiki ka-2016, naye akangenile.
Umphathi we-Athletics South Africa, uHezekiel Sepeng ukholelwa ukuthi lolu bhubhane lwenze kwaba nzima ukuthi bakwazi ukungenela ama-Olimpiki.
“I-Algeria Championship ikhanseliwe futhi ngokubukeka kwezinto ngisho ne-Nigeria isengcupheni yokumiswa. Lokho kuzosishiya singenamicimbi ehlangabezana namazinga okuhlungela i-IAAF,” kusho uSepeng ku-Radio 2000.
“Silinde ukuthi benze ukuhlungela kwabo kokungenela kuma-Olimpiki. Okuhle nje ukuthi singathembela kwithimba lethu lika-4x100m relay elenza kahle.”
Umgijimi we-track ne-field uLuvo Mayonga ungomunye ohlabane ngezindondo ngowezi-2016 futhi uzophuthelwa ama-Olympics, kanti izindaba ezimnandi ukuthi uRuswahl Samaai ungenile kuma-Olimpiki kunezela uSepeng.
INingizimu Afrika izothumela iqembu elithuthukile mhla zi-10 kuNtulikazi ngenkathi iqembu lokuqala labasubathi lizofika mhla zi-13 kuNtulikazi. Imidlalo yama-Olimpiki ihlelelwe ukuqala mhla zingama-23 kuNtulikazi kuya mhla zi-8 kuNcwaba.
Umthombo wesithombe: I-Runner’s World Magazine South Africa