Abasubathi bakuleli badle umhlanganiso kowezindondo we-Athletics South Africa

Lubhalwe nguThathe Msimango

U-Akani Simbine noZeney van der Walt yibona abadle umhlanganiso emcimbini wezindondo we-Athletics South Africa (ASA) ngoLwesihlanu e-Thaba Eco Estate eGoli.

USimbine uthole indondo yokuba umsubathi wesilisa ovelele wonyaka emcimbini we-ASA ngesikhathi uVan der Walt ethola eyomsubathi wesifazane ovelele wonyaka.

USimbine ongumsubathi wakuleli ku-100m onesikhathi semizuzwana engu-9.84 waba nonyaka omuhle nyakenye ngesikhathi eqoqa indondo yesiliva emqhudelwaneni we-African Athletics Championship e-Mauritius. Wakhishwa uFerdinand Omanyala njengoba bobabili abasubathi bagijima esikhathi esiyimizuzwana engu-9.93.

Waphinde wawina indondo yesiliva emijahweni ka-100m kuma-Commonwealth Games e-Birmingham eNgilandi futhi waqeda endaweni yesihlanu kuma-World Athletics Championship.

UVan der Walt unesizini okumele ayikhumbule. Lo mpetha (22) we-hurdles wathola izindondo ezimbili zegolide emijahweni we-400m hurdles kanye nowe-4×400m relay kuma-African Athletics Championships. Waphinde wakwazi ukufinyelela kowandulela owamanqamu kuma-World Athletics Championship e-Oregon eMelika.

“Bekungunyaka omangalisayo. Sabusiswa,” kusho uVan der Walt etshela i-The Top Runner.

“Ngifunde okuningi ngesikhathi semijaho nangonyaka wonke wokuncintisana.”

Bobabili abasubathi bahlomule ngemali engu-R50 000 emiklomelweni ye-ASA kanye namathikithi amabili abadla izambane likapondo okuya kunoma yiziphi izindawo ezingaphezu kuka-150 emhlabeni jikelele nge-Qatar Airways.

Khonamanjalo, uMiné de Klerk noLythe Pillay abathola izindondo zegolide kuma-World U20 Championships bawine indondo yabasubathi abavelele bonyaka abangaphansi kweminyaka engu-20. Umqeqeshi kaSimbine, uWerner Prinsloo uqokwe njengomqeqeshi wonyaka.

Esithombeni esingenhla: UWandile Ndawo

Umthombo wesithombe: ORCAS Academy

Izihloko zakamuva