Abasubathi bakhuluma ngomthelela wesimo sezulu

Dylan Bettencourt

Njengoba imidlalo yama-Commonwealth isiyela ngasemaphethelweni abasubathi bakhulume ngomthelela wesimo sezulu emazweni abo.

U-Eliud Kipchoge wase-Kenya ukhulume ngokuguquka kwesimo sezulu eveza ukuthi izwe lakhe lilwa kanjani nale nkinga.

“Ngesikhathi ngisezweni lami bengiqeqeshwa phezulu emaphandleni ase-Kenya cishe u-80% wabantu bangabalimi,” etshela i-BBC Sport Africa.

“Abantu bayazi ukuthi izimvula azisafani naseminyakeni emihlanu edlule nokuthi ukuguquka kwesimo sezulu kuyishintsha kanjani impilo.”

Umgijimi oqavile uthe ukushintsha kwamazinga okushisa emhlabeni kuyabathinta nabasubathi.

“Ukuguquka kwesimo sezulu kunomthelela kubasubathi futhi kubanzima kwamanye amazwe ngoba awakwazi nokugijima amahora amabili noma amathathu,” kusho umgijimi. 

“Ukugijima ezindaweni ezishisayo kunzima kakhulu. Kuyathusa kanti futhi ekupheleni kweseshini noma komjaho uzwa sengathi wonke amandla akho aphelile.”

Umdlali webhola lombhoxo we-Sevens u-Eroni Sau ukhulume ngendlela yokunyuka nokusondela kwamanzi osekuholele ekutheni kunciphe izwe langakubo i-Fiji.

“Indawo ebihlala umama wami bekunebhilidi ebeliyikhishi nendlu yokugezela. Ngiseyingane laliqhele ngamamitha ayishumi ukusuka olwandle, kodwa alisekho.”

“Okubonayo nje amabhilidi, kodwa asengaphansi kolwandle”

Umsubathi uMubal Azzam wase-Maldives uthe ziyanda izindlu ezihlaselwa izikhukhula unyaka nonyaka.

“Ezindaweni eziningi e-Maldives izindlu zigcwele amanzi futhi kunezinkinga zokuguguleka komhlabathi,” kusho u-Azzam.

“Enkabeni yedolobha lase-Male okuyindawo engihlala kuyo, sinamabhishi enziwe umphakathi ongawasebenzisa. 

Kodwa kube noshintsho olukhulu kakhulu ekusetshenzisweni kwesihlabathi esinokuguguleka okukhulu endaweni eyodwa. I-Topography yonke isishintshile.”

Umthombo wesithombe: @iNews

Izihloko zakamuva