Abasubathi abasuka e-Afghanistan bazokwazi ukungenela imidlalo yase-Tokyo yabantu abakhubazekile

Dylan Bettencourt

Ngemuva kohambo olunzima bephuma kwidolobha lase-Kabul eliphethwe iqembu elibusayo i-Taliban, uZakia Khudadi benoHossain Rasouli sebefikile e-Tokyo kumqhudelwano wabantu abaphila nokukhubazeka.

Bekubukeka engathi abasubathi ababili angeke bekwazi ukufinyelela kwimidlalo yase-Tokyo ngemuva kokuba iqembu lamasosha lithole amandla okuphatha i-Afghanistan ekuqaleni kwalenyanga.

Ifulegi laphakanyiswa ngoLwesibili ngenkathi bekhombisa abantu ukuthi kuzoba nobumbano.

OnguMengameli kwikomidi elimele amazwe wonke angenele umcintiswano wabantu abakhubazekile u-Andrew Parson, uthe izindaba ezithi abasubathi angeke bakwazi ukufika kwimidlalo yenze bakhathazeka kakhulu base beqoka ithimba elimelene nomsebenzi wokutakula abantu ukuba liye kobalanda ukuze bakwazi ukufeza amaphupho abo.

“Isimemezelo sibathusile base bazama izindlela zokuba balandwe ezweni lase-Afghanistan, kuphinde kubhekwe ukululama kwabo e-France kanye nokufika kwabo bephephile e-Tokyo” kusho uPaesons.   

Bobabili abasubathi bachithe isonto eledlule e-National institute of sport Expertise and Perfomance(INSEP) endaweni yase-Paris ukuze baqhubeke nokuzilungiselela.

UKhudadi uzoba ngowokuqala ongowesifazane oqhamuka e-Afghanistan ozongenela le midlalo selokhu kwagcinwa ngowezi-2004, njengoba ezoba edlala i-kilogram weight category engama-44-49 kwi-taekwondo ngoLwesine.

URasouli naye oqhamuka e-Afghanistan uzongenela umqhudelwano wabantu besilisa wamamitha angama-40 T47 ngoLwesihlanu.

U-Arian Sadiqi oyi-chef de mission yase-Afighanistan uthe “Ngiyakholelwa ukuthi uma sibuka le midlalo yabantu abakhubazekile nangendlela abenza ngayo lokhu kuzosifundisa noma kuzodlulisa umyalezo omuhle wokuthi ukuhlala ngokuthula kuyisintu esingcono kakhulu”.

Umthombo wesithombe: @TheGuardian

Izihloko zakamuva