Dylan Bettencourt
Inhlangano eyengamele ezokubhukuda emhlabeni i-Fina isimemezele ukuthi abasubathi abashintshe ubulili abadlule ohlelweni lokuba ngabesilisa ngeke besakwazi ukungenela imiqhudelwano yabesifazane.
I-Fina iphinde yaveza ukuthi isebenzela ukwakha isigaba “esivulekile” sababhukudi abanobulili obuhlukile kunalobo ababelethwa benabo.
Ivoti livunywe u-71% wamalungu e-Fina futhi libhalwe “njengesinyathelo sokuqala sokungavumeli” abasubathi abashintshe ubulili ukuba bangenele eyabesifazane.
“Indlela ye-Fina yokubhala le nqubomgomo ibiphelele, isekelwe ngokwesayensi futhi ibandakanya wonke umuntu, kanti okubalulekile ukuthi isinqumo se-Fina sigcizelele ukulingana uma kuncintisanwa,” kusho uBrent Nowicki, umqondisi omkhulu wesigungu esilawulayo.
Lesi sinqumo sithathwe emhlanganweni wengqungquthela kawonkewonke kwi-World Championships eqhubekayo e-Budapest.
UMengameli we-Fina Husain Al-Musallam uthe isigungu esilawulayo sizama ukuvikela abasubathi ngokulingana nangokungathathi hlangothi.
“I-Fina iyohlezi yamukela wonke umsubathi. Ukwakhiwa komkhakha ovulekile kusho ukuthi wonke umuntu unethuba lokuncintisana ezingeni eliphezulu.
“Lokhu bekungakenziwa phambilini, ngakho i-Fina izodinga ukuhola. Ngifuna bonke abasubathi bazizwe beyingxenye yokukwazi ukuthuthukisa imibono kulolu hlelo,” esho.
Umsubathi oshintshe ubulili wasekolishi laseMelika u-Lia Thomas uye wagqama ekuqaleni kwalo nyaka ngokuwina umjaho wabesifazane, ephula amarekhodi omhlaba kulo mqhudelwano.
Inqubomgomo isho ukuthi ngeke esakwazi ukuncintisana esigabeni esifanayo, okushiya uThomas edidekile mayelana nama-Olympics alandelayo ango-2024.
Iqembu labammeli i-LGBTQ+ Athlete Ally lithe le mithetho emisha “iyabandlulula, iyingozi, ayihambisani nesayensi futhi ayihambisani nemigomo yanyakenye ye-International Olympic Committee (IOC)”.
“Imibandela yokufaneleka esigabeni sabesifazane njengoba ibekwe kumgomo ilawula imizimba yabo bonke abesifazane, futhi ngeke isebenze ngaphandle kokwephula ubumfihlo namalungelo anoma yimuphi umsubathi ofuna ukuqhudelana esigabeni sabesifazane,” kusho u-Anne Lieberman, ongumqondisi weqembu lenqubomgomo nezinhlelo.
Umthombo wesithombe: @SkyNews