Abasubathi ababili bathole izindondo zegolide emidlalweni yama-olimpiki yabantu abaphila nokukhubazeka

Dylan Bettencourt

UNtando Mahlangu no-Anrune Weyers bawine izindondo zegolide ngosuku olumangazayo lemidlalo yama-olimpiki yabantu abakhubazekile ngoMgqibelo.

Njengoba bewine izindondo zokuqala zegolide abasubathi baseNingizimu-Afrika kwimidlalo yabantu abakhubazekile yama-olimpiki, UNtando uphinde wagxuma ngokungaphezulu kunakuqala. Uma sikhumbula umdlalo wakhe wokugcina kwiqembu labantu besilisa le-long jump waqopha umlando ngesikhathi engxuma ibanga elilinganiselwa kumamitha ayi-7,17, okumsuse kwindondo yethusi wadlulela kwisiteji esiphezulu sendondo yegolide.

“Akusiyo indondo nje le engasho lutho. Kuthathe ukuzinikela nokusebenza kanzima ukufika la engikhona” kusho umsubathi oneminyaka eyi-19.

Umqeqeshi kaNtando akakwazanga ukufika e-Tokyo.

“Umqeqeshi wami ubezinikela ngokuzikhandla engifundisa ngesikhathi ngisekhaya nginesiqiniseko sokuthi ujabule kakhulu lapho ekhona” kusho uNtando.

“Uthe ukugxuma kwami kokugcina ngikhiphe wonke amandla enginawo” kusho uMahlangu.

U-Anrune Weyers uwine u-400m T45 waqeda ngesikhathi esingama-56,05, wanqoba izinkinga eziba khona uma kugijinywa kuma-olimpiki. Watheleleka nge-Covid-19 lokho kwamenza wasaba ukuthi angase angabikhona kwimidlalo yase-Tokyo.

“Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ngatholakala ukuthi ngine-Covid-19, futhi lokho kube nzima kakhulu bengilokhu ngicabanga ukuba ngizokwazi yini ukuphumelela kwimidlalo yase-Tokyo” kusho uWayers.

U-Anrune uthe uyathemba le midlalo izokwenza iNingizimu-Afrika ibumbane ibe munye, ukuze ukuphumelela kwabantu kulethe ithemba ezweni lethu. 

“Ukuthi sihlangane ngemidlalo noma ngamakhaya esiphuma kuwo akusho lutho lokho, singabantu futhi siyadingana kumele sijabule sonke” kusho u-Anrune.

“Ngiyathemba lokhu kugqugquzele iNingizimu Afrika kwaphinde kwakhombisa ukuthi simunye. Ngijabulele uNtando njengobhuti wami naye wangijabulela. Sisebenze kanzima ukufika lapho esikhona”.

Umthombo wesithombe: @TeamSA2020

Izihloko zakamuva