Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Amadoda amabili asolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka engu-11 ubudala afuna u-R30 000 emndenini ukuze asule amacala okushaya abhekene nabafowabo bentombazane.
Umndeni wentombazane ufuna ubulungiswa, kodwa icala limile ngenxa yokushoda kobufakazi obuphathekayo, abafowabo babhekene namacala okushaya enkantolo.
Abesilisa ababili abasolwa ngokudlwengula intombazane (11), eDuduza, eKurhuleni, bafuna u-R30 000 emndenini wayo ukuze bahoxise amacala okushawa.
Abasolwa abangabangane babafowabo bentombazane, bayanqaba ukuhoxisa amacala ngaphandle kokuthi bakhokhelwe.
Intombazane kusolakala ukuthi idlwengulwe ngonyaka odlule ineminyaka engu-10. Yayisaba nokusho kwaze kwaba yilapho ilungu lomndeni libona izinguquko ekuziphatheni kwayo.
Ubabekazi wakhe utshele iScroll.Africa ukuthi ingane yayihlala naye ngesikhathi samaholidi, waqala ukuqaphela ukuthi kukhona okungahambi kahle.
“Ngamcindezela ukuba avume okwenzeka kuye wavuma ukuthi uhlaselwe abangani ababili abaziwayo emndenini wakhe ngesikhathi edlala epaki lendawo elibhekene nomunye umuzi womsolwa lapho kwenzeke khona ubugebengu.
“Ngokushesha saya kobikela amaphoyisa ngodaba wabe esephuthunyiswa esibhedlela sendawo ukuze ayohlolwa.”
Ngemva kokuzwa ngokwenzekile, abafowabo bentombazane banqume ukuzibambela mathupha base beshaya abasolwa.
Abasolwa bavule amacala okushawa abafowabo bentombazane, onogada ababili abazimele kanye namanye amalungu omndeni.
“Ngemuva kosuku bededeliwe abasolwa babafonela befuna ukukhokhelwa.
“Asinayo leyo mali kodwa sifuna ubulungiswa kumshana wami,” kusho yena.
Ubabekazi uthe umndeni ukhathazekile ngoba umbiko kadokotela awutholanga zimpawu zokudlwengulwa.
“Umseshi ojutshwe kuleli cala usitshele ukuthi ngeke akwazi ukubopha abasolwa noma aqhubeke necala ngoba abukho ubufakazi.
“Udokotela uthe nakuba bungekho ubufakazi obuphathekayo bokuthi udlwenguliwe akusho ukuthi akanukubezwanga.
“Ngesonto eledlule ubuye sekuhlwile esikoleni okuthe uma sibuza wathi ubone abasolwa eduze kwesikole sakhe wabe esenquma ukuyocasha emagcekeni esikole,” usho kanje.
Amalungu omndeni wentombazane aboshwa ngomhlaka-2 kuMbasa avele eNkantolo yeMantshi yase-Nigel ngamacala okushaya. Icala lihlehliselwe umhlaka-5 kuNhlaba ukuze kuqhutshekwe nophenyo.
Osesithombeni esingenhla: Ubabekazi wentombazane
Umthombo wesithombe:UDoreen Mokgolo