Dalphine Tagwireyi
Owesifazane oboshwe ngesonto eledlule ngecala lokubulala ngesihluku uBontle Mashiyane (6) uvumile ukuthi wabulala ezinye izingane ezimbili ngo-2019.
UNtombikayise Mokoena utshele amaphoyisa kuleli sonto ukuthi wabulala izelamani uNontokozo noSilindile Qibi, ababeneminyaka eyisikhombisa neyisithupha, ukuze adayise izitho zabo zomzimba ukuze athole imali.
Lezi zigameko zokubulawa kwezingane zenzeke kuyona le ndawo yase-Mganduzweni ngaphandle kwase-White River eMpumalanga. Idolobhana elincane elinabantu abangu-400 kuphela liye lacekelwa phansi ukubulawa kwezingane eminyakeni yamuva.
Ukuvuma icala kukaMokoena kukhulula uMfundisi Bheki Malomane kanye nomshana wakhe uWonder Mbuyane, ababebekwe icala lokubulala lezi zelamani – kodwa kwatholakala ukuthi bamsulwa.
Lo mfundisi (36), kanye nomshana wakhe (24), babulawa ngesihluku yiqulu labantu ngemuva kokuthi kushiswe imizi yabo.
Umfundisi uMalomane nomndeni kaMbuyane bathe bakhululekile ngokuthi laba bobabili bagcine besuliwe ecaleni lokubulala, nakuba sebeshonile.
UZiyanda Malomane uthe umfowabo kanye nomshana wakhe babhixwa ngobubende inyama bengayidlanga futhi isicelo sabo sokuthi bamsulwa sachithwa njengoba umphakathi wawushaya phansi ngonyawo ngokuthi benza isihluku sokudlwengula nokubulala izelamani.
“UMokoena ngokwakhe wasola umfowethu nomshana, kodwa yena wayazi ukuthi nguye umbulali. Nginesiqiniseko sokuthi inyanga eyakhomba umfowethu yayisebenzisana naye,” esho.
UMalomane uthe umfowabo nomshana wakhe bebenezingane ezimbili umuntu ngamunye.
“Izingane zabo zahlukumezeka, ngemuva kokulahlekelwa oyise nabavikeli ngenxa yecala abangalenzanga. Basale dengwane futhi bengenabo abavikeli,” esho.
Izelamani zakwaQibi ezabulawa zatholwa zilahlwe emgodini ngemuva kokuthi zisuke ekhaya zivakashele ugogo wazo.
UMokoena ubhekene necala lokubulala, ukuthumba nokushushumbisa uBontle (6).
Ngemuva kokuhambela icala likaMokoena enkantolo, amalungu omphakathi ashise indlu kaMokoena nekalowo osolwa naye uSamuel Tsela kanye nomjondolo kaThaphelo Ngomane.
Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Selvy Mohlala uthe ngesikhathi eboshiwe, uMokoena ulivumile icala lokubulala izelamani ezimbili okuhlanganisa nezinye izingane ezimbili zase-Hazyview.
“Uphenyo lusaqhubeka,” kusho uMohlala.