
Dalphine Tagwireyi
Unina kaBontle Mashiyane (6) obulewe uthi abasolwa ngokubulala indodakazi yakhe bebezwelana naye nsuku zonke.
UPermission Seipane uthe uNtombikayise Mokoena ubefika kuye ekuseni, uma ebuya emsebenzini, ezombuza ukuthi ngabe ikhona yini inqubekela phambili mayelana nokuthi ikuphi indodakazi yakhe.
“Kuyashaqisa ukuthi uMokoena ubefika nsuku zonke endlini yethu ezobuza ngenqubekelaphambili yokucinga kwethu. Ubelokhu engibuza ukuthi ngiphila kanjani njengoba bengikhulelwe. Lowo wesifazane uze wathembisa ukuthi uzothengela ingane yami entsha isipho,” kusho uPermission encelisa ingane yakhe.
Uthe usheshe wabeletha ngenxa yengcindezi abebhekene nayo.
“Ngilokhu ngikhalela indodakazi yami ekubeni kufanele nginakekele ingane yami esanda kubelethwa,” usho kanje.
Echaza ngobuhlungu abuzwile ngesikhathi kutholwa indodakazi yakhe isidumbu sayo sicwiyiwe, uSeipane uthe uzizwe sengathi ugwazwe enhliziyweni.
“Ngizizwe ngingenamandla futhi bengisezinhlungwini njengoba bengikhulelwe,” usho kanje.
“Nsuku zonke kufanele ngiziphoqe ukubhekana neqiniso lokuthi ngeke ngiphinde ngiyibone indodakazi yami.”
Uthe ngesikhathi behlangana noThapelo “Surprise” Ngomane naye ongumsolwa uvele wazisola.
Umholi womphakathi wase-Mganduzweni ophinde abe ngumholi wentsha ye-ANC uGodfrey Shiba uthe abantu bathukuthele futhi konke umphakathi osukwenzile kuze kube manje ukutshengisa indlela ozizwa ngayo.
“Siphila ngokwesaba. Sikhathazekile ngokuthi ekabani ingane ezolandela. Ababulali ngamalungu omphakathi yingakho sifuna kwenziwe ubulungiswa,” esho.
UCollen Hlongwane (36), uThapelo Ngomane (25) noNtombikayise Mokoena (40), bavele enkantolo ngoMsombuluko bebhekene necala lokubulala.
Bazobuyela enkantolo ngomhlaka-24 kuNhlangulana.