Lubhalwe nguRorisang Modiba
USiyabonga noMalusi Ndimande, abasolwa ngokubulala umrepha uKiernan ‘AKA’ Forbes noTebello ‘Tibz’ Motshoane, basichithile isicelo sabo sokulwisana nokususwa eSwatini belethwa eNingizimu Afrika.
Isinqumo sabo, silandela ubufakazi obusha obufakwe umshushisi uLomvula Hlophe, kanti lokhu kusho ukuthi icala lokubulala abantu ababili osekunesikhathi libambezeleka lingase liqhubekele phambili eNingizimu Afrika.
Izelamani ezimbili ezisolwa ngokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motshoane zizobuyela eNingizimu Afrika ukuzobhekana necala.
USiyabonga noMalusi Ndimande basihoxisile isicelo sabo sokulwisana nokususwa eSwatini. Lezi zelamani zaboshwa lapho ngoNhlolanja ka-2024, ngemva konyaka umprepha nomnganakhe badutshulwa babulawa ngaphandle kwendawo yokudla eseThekwini ngoNhlolanja ka-2023.
Izelamani zakwaNdimande ziphakathi kwamadoda ayisikhombisa asolwa ngokuba nesandla esigamekweni sokubulala abantu ababili. Isinqumo sabo sokusichitha isikhalo siphawula ushintsho olukhulu ngemva kwezinyanga zokubambezeleka kwezomthetho okumise icala.
Lesi sinyathelo senzeke ngemuva nje kokuthi iBamba likaMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi uLomvula Hlophe ethule ubufakazi obusha ukuqinisa isicelo seNingizimu Afrika sokuthi laba bobabili babuyiselwe ekhaya.
Emaphepheni akhe asenkantolo, uxwayise ngokuthi ukuziba izindaba ezibalulekile zomthetho kungaholela ekubambezelekeni okwengeziwe uma abasolwa sebebuyiswa.
Izelamanje azikachazi ukuthi kungani zishintshe umqondo, nakuba phambilini bethi besabela izimpilo zabo uma bephindiselwa emuva, bethi besatshiswa ngodlame olumataniswa nosomatekisi.
Baze bacela ukuvikelwa kwamaphoyisa okuyisipesheli ngesikhathi bedluliswa.
Uma sebebuyiselwe kuleli bazohlangana nabanye abasolwa abahlanu okunguLindokuhle Ndimande, uSiyanda Myeza, uMziwethemba Gwabeni, uLindani Ndimande noLindokuhle Thabani Mkhwanazi njengoba icala ligcina selisondele ekuqulweni.
Lokhu kuvele ezinsukwini nje lowo owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ekhulume ngaleli cala ePhalamende eselidonse isikhathi eside.
Esithombeni esingenhla: U-AKA
Umthombo wesithombe: Ifayela
