Everson Luhanga
Iqembu labaqaphi bamatekisi libungazwe njengamaqhawe emphakathini ngemuva kokubamba umshayeli wetekisi nozakwabo abadune babamba inkunzi umshayeli we-Taxify e-Alexandra ngoLwesihlanu.
Kodwa ngemuva kokubamba abasolwa, amaphoyisa awazange afike, kanti abathumbi bagcine sebedla “isidlo sasekuseni nesasemini” nalabo abababambile ngesikhathi belinde ukuthi amaphoyisa afike!
Umshayeli uMlungisi Tshabalala uthunjwe wabanjwa inkunzi ekhonjwe ngesibhamu ngabasolwa abathathu, abamphuca izinto zakhe.
Ngemuva kokuthatha konke ayekuphethe, umshayeli wetekisi nababili ayehamba nabo bamphoqa ukuthi akhiphe imali kwi-akhawunti yakhe kwi-ATM eseduze ngaphambi kokumdedela.
Kamuva icala libikwe esiteshini samaphoyisa e-Alexandra ukuze kuphenywe.
UTshabalala uphinde wabika leli cala ku-Alexandra-Randburg-Midrand-Sandton Taxi Association (i-Armsta), inhlangano abasolwa abamtshela ukuthi bavela kuyo.
NgoLwesibili ekuseni, abaqaphi bamatekisi kule nhlangano babambe abasolwa ababili base bebayisa emahhovisi abo lapho abasolwa abavume khona ukuthi balenzile leli cala.
UTshabalala uthe ngokuhamba kosuku wajabula kakhulu ukuzwa ukuthi inhlangano ibatholile abenzi bokubi, kodwa wethuka kakhulu ukuzwa ukuthi abathathwanga ngamaphoyisa.
Usuku lonke lwangoLwesibili, izikhulu zenhlangano zilinde amaphoyisa ukuthi afike azolanda abasolwa, kodwa amaphoyisa awazange afike, ebeka ababambe izigebengu enkingeni.
Ithimba le-Scrolla.Africa lijoyine umdlalo wokulinda, kodwa izintatheli zethu bezidingeka kwenye indawo futhi zihambe ngemuva kwamahora amathathu zilindile.
Okhulumela i-Armsta, uMotlanalo Tsebe uthe bazise amaphoyisa ngehora lesishiyagalombili ekuseni ngemuva kokubanjwa kwabasolwa.
“Silinde amaphoyisa, kodwa awazange afike,” kusho uTsebe. “Abasolwa badle isidlo sasekuseni nesasemini nathi”.
UTsebe uthe abaphathi benhlangano bebekhathazekile ngokuthi bazoba enkingeni ngokugcina abasolwa isikhathi eside.
“Ngezikhathi zehora lesi-3 ntambama, sibakhululile”.
Lokhu kumthusile uTshabalala. “Bengicabanga ukuthi bagcinwe ngamaphoyisa. Zibuhlungu izindaba zokuthi ababoshiwe ngamaphoyisa. Angikholwa,” kusho uTshabalala.
Umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Alexandra, uBrigadier Lindiwe Magudulela, uthe kube nokungazwani ngengxoxo phakathi kwamaphoyisa nenhlangano.