Abasolwa abayisishiyagalombili babanjwe ngenxa yephunga lensangu

Celani Sikhakhane

Ngemuva kokugebenga ngempumelelo, iqembu elihlomile labathengisi bezidakamizwa lithathe isinqumo sokuthi lizobungaza ngokubhema insangu. Ngebhadi amaphoyisa ezwe iphunga lensangu, abamba amadoda oqotsheni.

Kulandela isigameko sokugetshengwa kwesitolo sendawo kwaGodlwayo oPhongolo ezintatha zangoLwesihlanu, kubizwe amaphoyisa akwa-SAPS namasosha akwa-SANDF.

Ngesikhathi amaphoyisa efika, abasolwa bebengekho – kodwa bekunephunga elihlukile emoyeni.

Amaphoyisa alandele iphunga aya endaweni ethile, afica abasolwa ababili bebhema insangu

ngaphandle. Abanye abasolwa abayisithupha batholwe ngaphakathi.

“Amasosha kanye nabakwa-SAPS bebematasa bezulazula endaweni ngoba iseduze nomngcele wase-Swatini,” kusho umthombo utshela i-Scroll.Africa.

“Ucingo lutholwe ngabakwa-SANDF kanye nabakwa-SAPS abathungathe izigebengu ngokucophelela, futhi intuthu yensangu… eholele ekutheni lezi zigebengu zitholwe,” kusho umthombo.

Abasolwa babanjwe nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni nezinhlamvu okusolwa ukuthi zisetshenziswe ukugebenga esitolo.

Amaphoyisa athole zonke lezi zimpahla nemali ebikwe ukuthi yebiwe ebhizinisini.

Baphinde bashaqa nezikhwama zensangu ezinesisindo esingu-1kg kanye nezimoto ezimbili.

Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Thembeka Mbhele, uthe bonke abasolwa abayisishiyagalombili abaneminyaka ephakathi kwengama-28 nengama-38 ubudala baboshiwe.

“Bathweswe icala lokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Icala lesibili ngelokutholakala nempahla eyebiwe, elesithathu elokudayisa insangu. Bazophinde babhekane nelokugebenga amabhizinisi, njengoba abaseshi bematasa nophenyo nokubuka izithombe ze-CCTV,” kusho uColonel Mbhele.

Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasoPhongolo ngoMsombuluko.

Izihloko zakamuva