Abasolwa abathathu basale enkundleni bedubulana namaphoyisa 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Kudingeke ukuthi abashayeli bezimoto babaleke beyocasha ngesikhathi izinhlamvu zindiza emgwaqeni onguthelawayeka u-R21 ngoLwesithathu ekuseni.

Iqembu lezigebengu belisanda kugebenga isitolo sakwa-Clicks ngase-Carnival City, eningizimu-mpumalanga yeGoli. Kodwa lezi zigebengu bezingeke zikwazi ukubaleka ngoba amaphoyisa nezinkampani zonogada balunywe indlebe.

Kube nokugijimisana emgwaqeni omkhulu ophithizelayo ngesikhathi izigebengu zizama ukubaleka. Ngesikhathi amaphoyisa evalela lezi zigebengu ekhoneni kuye kwaqubuka impi enkulu.

Ukudubulana kushiye abasolwa abathathu beshonile. Abasolwa ababili abalimele baphuthunyiswe esibhedlela kantibesesimeni esibucayi.

Okhulumela oKlebe, uColonel Katlego Mogale uthe abasolwa yibona abaqale ukudubula ngesikhathi bebona ukuthi amaphoyisa abavimbezele.

UMogale uthe amaphoyisa aphindisele ngenhlamvu amisa imoto yabasolwa ngemuva kokuthi ishayise ubonda.

Uthe amaphoyisa nezinkampani zonogada balandele umkhondo ngemuva kokulunywa indlebe ngabasolwa abathinteka ezigamekweni zokugetshengwa kwezimpahla kanye namanye amacala abucayi anodlame.

“Kusolakala ukuthi abasolwa bebesanda kugebenga enxanxatheleni yezitolo ngase-Carnival City lapho abehlule khona onogada, kwabe sekuthungathwa imoto yohlobo lwe-VW Touareg esiliva kanye ne-BMW eluhlaza okwesibhakabhaka okusolwa ukuthi zibandakanyeka ebugebengwini,” esho esitatimendeni.

UMogale uthe imoto ibonwe emgwaqeni onguthelawayeka u-R21 obheke enyakatho.

“Kube nohlelo lokuzama ukumisa imoto yabasolwa. Abasolwa bazame ukuvika amaphoyisa base bejahwa ngesivinini,” kusho uMogale.

Uthe abomthetho bathole izibhamu ezintathu ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nempahla eyebiwe kwi-Touareg.

Kusabalale ividiyo yeqembu lezigelekeqe ebelihlomile ebeligqekeza isitolo ezinkundleni zokuxhumana.

Isithombe ngenhla: Imoto yabasolwa igcwele izimbobo zezinhlamvu ngemuva kokudubulana namaphoyisa

Umthombo wesithombe: @YusufAbramjee

Izihloko zakamuva