Kholofelo Mabitsela
Abesilisa ababili base-Limpopo ababoshwe ngesonto eledlule emacaleni ahlukene odlame banikezwe ibheyili kuleli sonto bobabili babuyela kwizisulu zabo ukuze baqedele abakuqalile.
NgoMsombuluko uMmapula Letsoalo obeneminyaka engu-40 udutshulwe wabulawa isoka lakhe uShadrack Matlakala obeneminyaka engu-47 ngemuva kokuthi athole ibheyili ekade eboshelwe ukumsabisa ngokumdubula nokumbulala.
UMatlakala utholakale eshonile emzini wakhe osesigodini sase-Ga-Makanye ngaseNyuvesi yase-Limpopo.
Iziphathimandla zikholelwa ukuthi uMatlakala uzidubulile ngesikhathi kutholakala isibhamu eduze nesidumbu sakhe.
Kwesinye isigameko sangesonto eledlule uthisha obehlala endaweni yase-Greater Hlogotlou ubulewe obeyisoka lakhe njengoba ekade emvulele icala lokudlwengula.
Isoka likaDudu Masango kusolwa ukuthi limbulele ngemuva kwezinsuku ezingu-11 liphume ejele ngebheyili ka-R500. UMasango obeneminyaka engu-27 utholwe egumbini lakhe lokulala enamanxeba okugwazwa amaningi.
Umsolwa oneminyaka engu-34 osolwa ngokubulala uboshwe wathweswa icala lokubulala. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Nebo maduze nje.
UKhomishana wamaPhoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe unxuse abashadikazi abahlangabezana nezingqinamba ezithinta imindeni ukuthi bafune usizo lochwepheshe esikhundleni sokususa udlame.
UHadebe uphinde wayalela ukuthi kube nophenyo lwangaphakathi ngodaba ukuze kutholakale izimo eziholele ekutheni abasolwa bakhululwe ngebheyili ngumshushisi.
Kuvulwe amacala okubulala kanti uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo uthe amaphoyisa aphenya ukuthi kungani umsolwa ethole ibheyili ngeSonto nokuthi isibhamu somsolwa sathathwa yini ngesikhathi eboshwa.