Abasolwa ababili bavele enkantolo ngelokubulala imeya

Elmon Tshikhudo

Abesilisa ababili abasolwa ngokubulala iMeya yaseCollins Chabane uMoses Maluleke bavele eNkantolo yeMantshi yase-Malamulele .

UMaluleke udutshulwe wabulawa phambi komuzi wakhe ngemuva kwesonto esigodini sase-Shikundu e-Limpopo.

UBig Moss (56), okuyigama abedume ngalo, ubesanda kufika ekhaya nendodana yakhe ngesikhathi bethola abasolwa bebalindile egcekeni labo. Omunye wabasolwa uye wafuna imali kuMaluleke ngaphambi kokuthi amdubule.

Indodana yemeya (18) ilimele kulokhu kuhlasela.

Amalungu amaningi omphakathi ahlangane ngaphandle kwenkantolo ngoMsombuluko. Bebefuna ukuthi amaphoyisa adedele abasolwa ukuze babanikeze “ubulungiswa obusheshayo”.

Amalungu omphakathi ebecula izingoma zenkululeko.

Abasolwa ababili, uShumani Nemadodzi (47) no-Avhatakali Mulaudzi (42), babhekene namacala okubamba inkunzi esebenzisa isihluku, elokubulala, elokuzama ukubulala nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Kuqale kwaboshwa abasolwa abathathu. Kodwa-ke, umsolwa wesithathu udedelwe ngenxa yokushoda kobufakazi obumhlanganisa naleli cala.

Ngesikhathi bevela phambi kwenkantolo okuthathe imizuzu embalwa, abasolwa ababili abebebukeka bezothile babuzwe ukuthi akukho yini abakuphikisayo ngokuthi bathwetshulwe ngabezindaba bathi cha.

Amacala abo ahlehliselwe umhla zilishumi kuNcwaba ukuze bathole ithuba lokuthola usizo lwezomthetho ukuze kuqhutshekwe nophenyo. Basagcinwe esitokisini.

Ngemuva kokuvela enkantolo, amalungu omphakathi abedinwe egane unwabu ebemi ngemuva ezitokisini zenkantolo ukuze abone abasolwa.

Uhide lwezimoto ebeziphelezela abasolwa lusuke ngesivinini.

Izihloko zakamuva