Abasolwa (12) bavele enkantolo ngelokubulala

Everson Luhanga

INkantolo yeMantshi yase-Alexandra inqabile ukunika ibheyili amadoda angu-12 abhekene necala lokudubula abulale abantu abayisithupha nokulimaza abanye abambalwa ngobusuku bangomhlaka-14 kuNtulikazi.

Abasolwa abangu-12 – abaneminyaka esukela kwengu-18 kuya kwengu-35 ubudala – bashaye umugqa enkantolo ebigcwele phama balalela umphenyi ohamba phambili uColonel Tobezweni Albert Jam-Jam elandisa ngobusuku abahlasela ngabo abantu.

Elwela ukuthi abasolwa benqatshelwe ibheyili, uColonel Jam-Jam utshele inkantolo ukuthi leli qembu la madoda belihamba umgwaqo nomgwaqo lidubula abantu abangenacala liphinde libaphuce nezimpahla zabo.

La madoda aqale ukuhlasela ngo-7pm baqhubeka kwaze kwasa ekuseni.

“Komunye umgwaqo bathole abantu ababili bemile ngaphandle beshaja omakhalekhukhwini babo. Baye babadubula bangena komunye umgwaqo lapho abehlangane khona nomsebenzi we-Alex FM uJoshua Mbatha,” esho.

“Bamdubule bamphuca umakhalekhukhwini wakhe nezicathulo,” esho.

Izisulu ezimbili zokugcina bekungumshayeli wetekisi wendawo obehambisa umgibeli wakhe emsebenzini ngesikhathi bebulawa.

UColonel Jam-Jam uthe umsebenzi wobuphekula uphele ngesikhathi amaphoyisa ebopha amadoda ayisishiyagalombili emjondolo ehostela iNobuhle.

Uthe ukuboshwa kwabo kwenze kwaba nomuzwa wokuthula emigwaqeni yase-Alex, futhi ukukhululwa kwabo kuzoletha ukwesaba kubahlali abaningi abakule ndawo kanti lokho kuzokwenza uhlelo lwezobulungiswa lube inhlekisa.

Uthe omunye wabasolwa unecala lokubulala eliqhubekayo kanti omunye unecala lokushaya KwaZulu-Natal.

Ngemuva kokufunda incwadi efungelwe ehlanganiswe umphenyi, uColonel Jam-Jam uphekwe ngemibuzo ngomunye wabammeli babasolwa.

Abasolwa babhekene necala lokubulala, ukuzama ukubulala kanye nelokugebenga phakathi kwamanye.

Inkantolo ibithule cwaka imindeni yabasolwa neyezisulu ibigcwele amabhentshi nasemaphaseji asenkantolo.

Abasolwa bebengabonakali bekhathazekile futhi bebelokhu bemamatheka. Bazophinde bavele enkantolo ngoMsombuluko wangesonto elizayo ukuze kuzophinde kulalelwe izicelo zebheyili.

Izihloko zakamuva