Abasokayo baseKariega baphoqwa ukukhokha imali yokuvikelwa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

  • Izigebengu e-Kariega zisebenzisa isiko lokusoka ukuqola imindeni nokugebenga abahambisa ukudla nokuyinto edala ukuthi kwandiswe ezokuphepha ezikoleni zokusoka.
  • Iziphathimandla kanye nabaholi bendabuko bayalulungisa lolu daba kanti abakwa-SAPS bahlinzeka ngenombolo okuzobikwa kuyo ukuqolwa kanye nobugebengu obuhlobene.

Izigebengu zaKwanobuhle, e-Kariega zisebenzisa isiko lokusoka ukuqola imindeni yabasokayo, zifuna imali yokubavikela ukuze iphephe.

Baqonde abafana abancane abagijimayo, abahambisa ukudla okuphuma emakhaya abasokayo bekuyisa esikoleni sokusoka. Emasontweni ambalwa edlule, abafana abaningi abancane baphucwe ukudla, omakhalekhukhwini nanoma yiziphi izinto izigebengu ebezingazithola.

Isishoshovu somphakathi uThamsanqa Nkevu usiqinisekisile lesi sigameko, wacela abesilisa abangamalungu emindeni yabasokayo ukuthi balale esikoleni sokusoka.

“Ngithole izikhalazo eziningi zabasokayo kanye nentsha ehambisa ukudla ephoqwa ukuthi ikhokhe imali yokuvikelwa, nokuthi abasokayo bayalinyazwa futhi babanjwa inkunzi,” kusho uNkevu.

UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu e-Eastern Cape (Cogta) kanye neNdlu yabaHoli boMdabu namaKhoisan baziqinisekisile izigameko zokuqolwa.

USihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu esifundazweni, uNkosi Mpumalanga Gwadiso uthe bazovakashela le ndawo ngoMsombuluko.

“Udaba silubheka kakhulu nabo bonke ababambiqhaza ababalulekile, okuhlanganisa ne-Metro Initiation Forum.”

UNgqongqoshe we-Cogta uZolile Williams wengeze wathi: “Sizoqhubeka nokugcizelela igunya lombuso kunoma yiluphi uhlobo lokungahloniphi umthetho, ukuze izingane zidlulele ebudaleni ngokuphepha.”

I-SAPS Nelson Mandela Bay District Initiation Committee ithe iluthathela phezulu lolu daba futhi sekusungulwe inombolo okuzobikwa kuyo izigameko sokuqola.

Noma ubani onolwazi olwengeziwe mayelana nalokhu uyakhuthazwa ukuthi ashayele i-SAPS ku-082 387 1561 noma ku-08600 10111, noma asebenzise uhlelo lokusebenza lwe-MySAPS.

Esithombeni esingenhla: Abasokayo behamba ensimini.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva