Abasinda emlilweni e-Usindiso baxoshe abasebenzi bakagesi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Izakhamizi eziningi zasemijondolo yase-Shalazile e-Denver, eGoli – ezasinda ngesikhathi kusha ibhilidi Usindiso eladlula nemiphefumulo engu-78 e-Marshalltown ngomhlaka-31 kuNcwaba nyakenye – zixoshe osonkontileka bedolobha laseGoli abebezoxhumela imijondolo yabo ugesi ngoLwesibili.

Nokho abanye abahlali bathe bafuna ugesi emijondolo yabo.

Izakhamizi zithi izikhulu zedolobha zabathembisa ukuthi kuzomele bahlale isikhashana emijondolo yase-Shalazile ngemuva kokuhlaliswa kwezinye izindawo zokukhosela edolobheni.

NgoLwezi, abasinda abangu-501 – cishe ingxenye yabo okungabantu baseNingizimu Afrika – bathuthelwa ezindaweni zabo ezintsha zokuhlala, okwakuyizakhiwo ezincane ezinekamelo elilodwa endaweni yase-Denver eyayakhelwe ukuba ibe yindawo yokugcinwa kwezimoto eziboshiwe njengoba uMnyango Wamaphoyisa kaMasipala waseGoli wayithenga ngo-R45 million. 

USethokwakhe Zuma, ongomunye wabasindile, wayiswa emijondolo yase-Shalazile ngoLwezi esuka ehholo elise-Bezuidenhout Valley, nokuyilapho abanye abasindile behlaliswe khona.

UZuma utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi izikhulu zedolobha zibasusa endaweni yokukhosela e-Bezuidenhout Valley zibayisa e-Denver, batshelwa ukuthi bazonikezwa indawo engcono ngemuva kwezinyanga eziyisithupha.

“Sekuphele izinyanga eziyisithupha silindile ukuthi basithuthe njengoba besithembisile. Lokho akukenzeki. Yize besebenzise u-R14 000 ukwakha umjondolo ngamunye, imali ebingasisiza ukuthi sithole izindawo ezingcono.

“Esikhundleni sokusithuthela ezindaweni ezikahle baletha osonkontileka abazohlinzeka ngezinsiza ezifana nogesi. Lokhu kusho ukuthi sizohlala lapha kuze kube phakade,” kusho uZuma.

Uthe imijondolo yase-Shalazile ayilungile. Izingane zabo aziyi esikoleni ngoba azikho eziseduze, futhi ubugebengu buphezulu kakhulu.

UZuma uphinde waveza ukukhathazeka ngokuthi osonkontileka bafike nabasebenzi abaqhamuka ngaphandle komphakathi.

“Asibazi abantu abalethwe ukuthi bazosebenza lapha. Besingeke sikuvumele lokho,” usho kanje.

Ingxabano phakathi kwabahlali nosonkontileka ithole ukunakwa yikhansela laku-ward 65, uMnuz Nkosikhona Khanyile, obenombono ohlukile ngalolu daba.

Uthe abantu emijondolo badinwe bayaveva ngoba bafuna ukuba yingxenye yohlelo lokufakwa kukagesi.

“Sikwazile ukuxazulula le nkinga, kanti izakhamuzi ezingu-31 zendawo zizoba yingxenye yalo msebenzi,” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi ngabe zikhona yini izinhlelo zokuthi abantu base-Shalazile bayiswe ezindaweni ezingcono njengoba ethembisile, uKhanyile uthe isinqumo kuzomele sithathwe wuMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu.

“Engikwaziyo wukuthi ikhaya labo leli, futhi uhulumeni unikeza abantu bakhe izinsiza ezidingekayo njengogesi namanzi,” kusho uKhanyile.

UNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu uMmamoloko Kubayi wamemezela ngoNdasa ka-2023 ukuthi indlu yomxhaso ngayinye ibiza u-R255,000.

Esithombeni ngenhla: Izakhamizi zasemijondolo yase-Denver.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva