Abashokobezi baseNdlunkulu abawuhambelanga umhlangano woxolo obubizwe iSilo Samabandla uMisuzulu

Lungani Zungu

Amahlubuka asesigodlweni sakwaZulu aphinde anqaba uxolo obelwenziwa iSilo Samabandla uMisuzulu kaZwelithini ukuze baqede ingxabano ekhona esigodlweni sasebukhosini.

ISilo samabandla uMisuzulu ubize umhlangano ngoLwesithathu ukuxazulula ukungazwani osekuqhube isikhathi eside. Kodwa uMntwana uMbonisi Zulu kanye noMntwana uThembi Ndlovu baqhubekile bathi abamazi njengeSilo saMaZulu.

UNdunankulu kaZulu, umntwana wakwaphindangene uMangosuthu Buthelezi, ufunde izincwadi zabo ngaphambi komhlangano endlini yomthetho endala oLundi, enyakatho naKwaZulu-Natali.

Ezincwadini, babuze ukuthi kungani umhlangano ubanjelwe ngaphandle emagcekeni aseNdlunkulu.

“Akumele azibize njengeSilo aphinde aziphathise okwaso ngoba udaba lwesihlalo luyabangwa,”  kufundeka encwadini ebibhalwe uMntwana uThembi.

Akusikho okokuqala, besola uButhelezi ngokwakha ingxabano endlini yasebukhosini.

Umhlangano obuhanjelwe izindlu eziyi-12 zomndeni waseNdlunkulu, uqhubekile ngaphandle kukaMntwana uMbonisi kanye nomMntwana uThembi.

ISilo samabandla uMisuzulu uthe kumphatha kabuhlungu ukubona indlu yaseNdlunkulu inengxabano engapheli belwela ukuthi ubani okumele athathe isihlalo abe iSilo saMaZulu.

Utshele amalungu aseNdlunkulu ukuba impi yaqubuka ngesikhathi kukhothama iSilo Samabandla uGoodwill Zwelithini kaBhekizulu kanye nomawakhe Indlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu.

Unxenxe ubumbano endlini yasebukhosini.

“Kumele sibakhiphe abangazanga emhlanganweni. Nginincenga ukuba nikhulume nabo ngoba bawumndeni,” kusho iSilo uMisizulu.

“Ngiyathemba okokugcina sibamba umhlangano ofana nalo,” kusho iSilo uMisizulu.

Uphinde wathi: “Kubuhlungu uma ulandela yonke imigomo wenza izinto ngendlela, kodwa kuqhamuke abantu bathi qala phansi.”

Amaphoyisa abegade ngeso lokhozi ngesikhathi kuqhubeka umhlangano ngaphakathi emagumbini amadala esishayamthetho.

Umfowabo weSilo Samabandla uMisuzulu, uMntwana uSimakade Zulu, ufuna isihlalo sasebukhosini futhi unamahlubuka amesekayo.

Noma isihlalo sakhe bengasizingela ngezindlela zonke, iSilo samabandla uMisuzulu ubeqhubeka nomhlangano emamatheka.

Njengoba umndeni wasebukhosini uqhubeka ukwebhana, abaningi sebenxenxe uMengameli uCyril Ramaphosa kanye noNgqongqoshe wezobulungiswa kanye namasiko uNkosazane Dlamini-Zuma ukuba bangenelele.

Izihloko zakamuva