Linda Ximba
Usumi ngomumo umqhudelwano wesibhakela wabesifazane ozoba se-International Convention Centre eThekwini ngoMgqibelo.
I-Boxing South Africa iklomelise i-Starline Boxing Promotions ngelungelo lokudlala emcimbini oqondene nemigubho kasonhlalakahle, isishoshovu sezombusazwe kanye nomholi wezenkolo uCharlotte Maxeke, owashona ngeminyaka yangowe-1930s.
Umgqugquzeli uZandile Malinga uthe amalungiselelo ahamba kahle futhi uhloniphe uMnyango wezeMidlalo eKZN ngokuxhasa lo mqhudelwano.
“Abantu kumele bazibambele mathupha kwezokungcebeleka njengoba bonke abashayisibhakela basuke belungiselwe ukutholana phezulu bakhombise lokho abangakwenza,” kusho uMalinga.
UMalinga uthe lo mcimbi uzobe uhlanganisa isibhakela kanye nokudla ngezidlo ezintathu njengengxenye yesivumelwano. Uthe ayi-13 kuphela amatafula azohlala abantu abayisithupha azogcina umgomo wokuqhelelana kwabantu azobe ebekelwe izivakashi eziqavile emibuthanweni yezemidlalo nepolitiki.
Abalandeli bayilindele ngabomvu impinda phakathi kukaSharadene Fortuin noMellissa Miller.
Ezinyangeni ezine ezedlule uFortuin wamenyezelwa njengompetha omusha we-SA bantamweight ngaphansi kwezimo ezingacaci kanti ikhempu kaMiller yafaka isikhalazo. Kwafinyelelwa esinqumweni sokuthi laba bashayisibhakela ababili kumele baphinde babe nomunye umqhudelwano.
Ababephethe isicoco se-WBF junior-featherweight, uGabisile Tshabalala no-Andisiwe Nxokwana bazobhekana nempi yokusekela. Bazoqhudelana esigabeni se-junior featherweight imizuliswano eyisishiyagalombili.
Abashayisibhakela abasafufusa abafana noBathabile Ziqubu, uNtomboqala Ntolashe, uMonalisa Takane kanye noRazek Mohamed nabo bazobe bencintisana.